UKatsande olaxaze iChiefs useyoswenka ‘kubhopopo’ wePSL

UKatsande olaxaze iChiefs useyoswenka 'kubhopopo' wePSL
UWillard Katsande
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

UWillard Katsande usethole ikhaya elisha kungakapheli nesonto enqabe ukuhlala kwiKaizer Chiefs abesehale kuyo ishumi leminyaka.

UKatsande, ozakhele ugazi ngengqephu yakhe ehlukile ezinkundleni zokuxhumana, kuvele ukuthi iChiefs beyisafuan ukumgcina okungenani isizini eyodwa kodwa yena wenqaba ukuhlala.

Into emenze wanqaba ukuhlala uKatsande kwiChiefs wukuthi ubone sekuyisikhathi sokuthi leli qembu lakhiwe kabusha kusetshenziswa abadlali abasebancane.

Bekubhekwe ngabomvu ukuthi uzoyaphi ngemuva kokushiya eNaturena kanti abanye bebeke basola nokuthi uzovele aliyeke ibhola.

Lokhu bekungenxa yokuthi wayeseke wakuveza ukuba nesifiso sokungena kwezomculo athi yithalente analo abelifihlile ngoba esafuna ukugxila ebholeni.

Kodwa iFAR Post seyibike ukuthi cha usazoqhubeka nebhola njengoba esesayine iminyaka emibili neqembu elingomakoti kwiDStv Premiership, iSekhukhune United,

Leli qembu ke nokho libukeka lingubhopopo ibhasi laseThekwini elilayisha lingagcwali uma ubheka inqwaba yabadlali eselibasayinile.

FUNDA NALA: UNtshangase nguye ozohola iMaritzburg ngesizini ezayo

Nokho amava nokuzikhandla kukaKatsande kungaba wusizo olukhulu kuleli qembu elisazofuna ukuzina esigabeni esiphezulu ngemuva kokunqoba iGladAfrica Championship.

UKatsande ufika nje leli qembu livele selisayine inqwaba yabadlali okukhona kubo oThabo Rakhale, Edwin Gymah, Tshidiso Patjie noCharlton Mashumba.

ISekhukhune ibingakakuqinisekisi ukuthi isimsayinisile ngempela yini uKatsande ozibiza ngeBoss yaMboka kwiTwitter.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.