UKatsande ufuna bajabulise abalandeli ngokushaya iChiefs

UWillard Katsande
Sihle Ndlovu

UWillard Katsande weSekhukhune United ufisa baqede ngegiya eliphezulu kule sizini yeDStv Premiership ka-2021/2021.

Lo mdlali uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi bazoyiwina imidlalo emibili esele kuqala ngoweKaizer Chiefs. Umdlalo use-Ellis Park Stadium, eGoli, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

“Kube yisizini enhle kakhulu uma kubhekwa ukuthi iqembu lisha kulesi sigaba,” kusho uKatsande.

“Sinesikwati esisha nobuso obusha kanti besizama ukuyiqala kahle isizini. Ngenhlanhla sikwazile ukuqoqa amaphuzu enele ukuthi sihlale kwiligi.”

ISekhukhune beyiqala ukudlala kwiPremiership kulandela ukuba ompetha beGladAfrica Championship ngesizini edlule.

“Imidlalo emibili esele ibalulekile kithina ukuthi siqede ngenothi eliphezulu, ikakhulukazi lo mdlalo esiwudlalela ekhaya. Kumele sinike abalandeli bethu into ezobajabulisa.

“Bebengekho ekuqaleni kwesizini kodwa imiyalezo yabo ibifinyelela kithina. Emidlalweni emibili noma emithathu edlule bebeseseka kakhulu. Ngesikhathi sibhekene naMaZulu bahambe ibanga elide beya eThekwini.

“Silindele ukuthi benze okufanayo ekhaya uma sesidlala neKaizer Chiefs. Siyazi iChiefs iyiqembu elikhulu futhi elesekwa abalandeli abaningi. Nokho nathi sifuna ukwenza abalandeli bethu abancane bajabule.

“Siyazi ukuthi umzuliswano wesibili wesizini uhlale unzima…nokho into okumele uyenze ukuqoqa amaphuzu emzuliswaneni wokuqala wesizini ukuze izinto zibe lula kuwena kowesibili.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.