UKatsande unqabile ukwelula ngonyaka kwiChiefs, udedela abasebancane

UKatsande unqabile ukwelula ngonyaka kwiChiefs, udedela abasebancane
UWillard Katsande
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukungavuselelwa kwenkontileka kaWillard Katsande kwiKaizer Chiefs kushiye abalandeli baMakhosi behlukene phakathi. Abanye badumalile, kanti abanye bathi vele bese kuyisikhathi sokuthi adede.

UKatsande ungomunye wabadlali osekuqinisekiwe ukuthi bazoshiya iChiefs. Abanye uKgotso Moleko, Philani Zulu noSiphosethu Ntiya-Ntiya. Abanye abadlali abasendleni uYagan Sasmam, Brylon Peterson noLazarous Kambole – laba bafakwe endalini.

Ukuhamba kukaKatsande, osedlale iminyaka eyishumi kwiChiefs, bekubukeka njengokuvulela isikhala uCole Alexander owethulwe Amakhosi benoKeagan Dolly ngoLwesibili.

Nokho uKatsande uveze ukuthui nguyena okhethe ukuhamba ngoba ubesenalo ithuba lokuqhubeka nokudlala kwiChiefs ngesizini ezayo.

“Ngicela abantu bayeke ukukhuluma kabi ngeChiefs nabaphathi bayo. Ngiyazi abanye bayazibuza ukuthi kungani ngingayivuselelanga inkontileka yami neqembu,” kusho uKatsande kwiPSL News.

“Banginikile ithuba lokuvuselela inkontileka ngonyaka owodwa kodwa ngayenqaba ngoba ngiyabona ukuthi iqembu lakhiwa kabusha futhi bafuna abadlali abazohlala isikhathi eside.

“Ngifuna ukunika abadlali abasebancane ithuba lokuzibonakalisa. Ngafika lapha ngingelutho kodwa ngihamba sengiyingwazi. Ngiyabonga Kaizer Chiefs uyohlale usenhliziyweni yami”.

Kubadlali abadala okuvuselelwe izinkontileka zabo kwiChiefs kukhona uRamahlwe Mphahlele, Bernard Parker no-Itumeleng Khune, oyisithandwa sabalandeli baMakhosi.

FUNDA NALA: Umqeqeshi omusha wonozinti kwiPirates uthembisa ukuqeda amaphutha

IChiefs ibukeka izoba yiqembu elihlukile ngesizini ezayo uma kubhekwa abadlali ebasayinisile kuze kube yimanje. Leli qembu laseNaturena kuyavela ukuthi alikaqedi ukusayinisa ngoba lisagaqele uSipho Mbule weSuperSport United.

Nokho kubukeka kuzoba nzima ukuthola lo mdlali ngoba neMamelodi Sundowns imgaqele. Amakhosi azobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni weCarling Black Label Cup e-Orlando Stadium, ngeSonto ngo-5 ntambama.

UKatsande kulindeleke ukuthi adlale umdlalo wakhe wokugcina egqoke imibala yaMakhosi ngoba ukhona kubadlali abakhethelwe ukuqala lo mdlalo ngabalandeli beChiefs.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.