UKatsande usehembe kwiChiefs, kukhona abanye abamlandelayo…

UKatsande usehembe kwiChiefs, kukhona abanye abamlandelayo...
UWillard Katsande
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukuvela kwemibiko yokuthi iKaizer Chiefs ngeke isayivuselela inkontileka kaWillard “Salt & Vinegar” Katsande kuchaza ukuthi seziphelile izinsuku zalo mdlali eNaturena.

Njengoba Impempe beyike yabika ngempelasonto, uKatsande ngeke esagcinwa njengoba kulindeleke iChiefs isayinise uCole Alexander osanda kuhlukana neqembu abedlala kulo e-India. U-Alexander nomqeqeshi weChiefs, uStuart Baxter, banomlando omude.

Ukwazana kwabo kangcono kuzokwenza ube lula umsebenzi kaBaxter kwiChiefs. Njengoba edlala indawo efanayo noKatsande, bekuvele kucaca ukuthi akuselula iqembu liyigcine le nkalakatha yaseZimbabwe.

UKatsande  angazishaya isifuba ngakwenzele Amakhosi eminyakeni elinganiselwa kweyishumi egqoka unombolo 31, ngaphansi kwemibala esagolide nemnyama.

Lo mdlali oneminyaka engu-35 manje, akabhayizelwa nakancane uma uzama ukudlula kuyena ngoba akuvamisile ukuthi kudlule konke indoda nebhola. Ungomunye walabo abebehlezi bebhekwe ngabomvu uma kudlalwa owomkhaya ne-Orlando Pirates.

Ukuqinisa unyawo kukaKatsande bekubuye kumqhathe nonompempe bese abalandeli beChiefs bangathokozi neze uma egcine ephume ngekhadi elibomvu, noma engadlali ngenxa yamakhadi amaningi aphuzi.

Nokho bangakufakazela abalandeli beChiefs ukuthi uKatsande ube nesandla kakhulu empumelelweni yaMakhosi ngesikhathi  ewina isicoco seligi kabili ngaphansi kukaBaxter.

UKatsande uzalelwe eMutoko, eZimbabwe, kanti uqale ukudlala ibhola elikhokhelayo ngo-2002 ngesikhathi egijima kwiFrantior Steel, ahlale kuyona kwaze kwaba u-2005.

ENingizimu Afrika ufike ezodlalela i-Ajax Cape Town ngo-2010. UHlale kuleli qembu laseKapa kwaze kwaba u-2011, kanti udlale imidlalo engu-15 washaya amagoli amabili.

Ube esehlwithwa yiChiefs ngo-2011 kungekho okutheni abesedume ngakho ebholeni laseNingizimu Afrika. KuMakhosi udlale imidlalo engu-308 uma sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano.

Ubekhona uKatsande ngesikhathi iChiefs iwina isicoco seligi ngesizini ka-2012/13, kanjalo nangeka-2014/15, bephakamisa indebe efanayo. Uphinde wawina iNedbank Cup ngo-2012/13, neMTN 8 ngo-2014 neChiefs.

Ungomunye wabadlali abangaziqhenya ngokuthi sebeke bathenjwa ngokugqoka ibhande likakaputnei kwiChiefs, ethathwa njengeqembu elikhulu nelihlonishwayo kunawo wonke eMzansi.

Ngesikhathi edlalela iChiefs ubengasali eqenjini lesizwe laseZimbabwe lapho ebengukaputeni khona. UKatsande ongomunye wabadlali abazoshiya umlando omuhle kwiChiefs ngenxa yokudlala kwakhe ngokuzimisela kule minyaka ayihlalile kuyona.

Nakanjani kumfanele ukubizwa ngengwazi yaMakhosi futhi uyohlale ebalwa uma kukhulunywa ngezinkakha ezibalulekile ezake zanyathela eNaturena.

FUNDA NALA: Usibonde wasishiya nephini uPitso ethi khona umdlali azomlanda kuleli

Uma ethatha isinqumo sokuwagaxa emgibeni amakhokho akhe, uzokwenza ngokukhululeka lokho, azi kahle ukuthi ushiye umsizila ongasoze ulibaleke kwiChiefs.

UKatsande unalo ithuba lokuvalelisa kahle kubalandeli baMakhosi njengoba ezobhekana neBucs emdlalweni weCarling Black Label Cup k-2021, eOrlando Stadium, ngeSonto ngo-5 ntambama.

Kusenabanye abadlali asebebadala kwiChiefs nabo abangase belandele kuKatsande. Phakathi kwabo kukhona u-Itumeleng Khune noBernard Parker. UKgotso Moleko usevele wavalelisa ngeviki elidlule.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.