UKatsande uthi abakawini lutho, kodwa bayayifuna indebe yeCAF

UKatsande uthi abakawini lutho, kodwa bayayifuna indebe yeCAF
UWillard "Salt and Vinegar" Katsande
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UWillard “Salt and Vinegar’ Katsande uyilande kusuka ekuqaleni iKaizer Chiefs idlala umdlalo wayo wokuqala kwiCAF Champions League, yaze yafika kowamanqamu. Uthi into ehlekisayo ngalolu hambo lwabo kulo mqhudelwano ukuthi sonke isigaba abebefika kuso bekuthiwa kukwangqingetshe.

Kodwa bebedlubulundela badlule njengoba kuthe ngoMgqibelo baqinisekisa indawo yabo kowamanqamu ngemuva kokubambana ngo 0-0 neWydad Athletic yaseMorocco.

IChiefs yayiwine ngo 1-0 emlenzeni wokuqala okwayibeka endaweni enhle kakhulu. Manje seyizobhekana ne-Al Ahly kaPitso Mosimane kowamanqamu. Nakhona uKatsande ukholwa wukuthi bengayithola indlela yokuphuma nesicoco kusale kuncinciza izitha.

“Uhambo lwethu lwaqala ekuhambeni eCameroon. Bese kuphakathi nesizini kuleli futhi izinto bezingasihambeli kahle. Kodwa sakwazi ukuthola umphumela omuhle ekuhambeni. Sawina ngo 1-0 okusho ukuthi asingenelwanga goli,” kusho uKatsande.

FUNDA NALA: UKomphela usezanyelwa esinye isikhundla kwiSundowns

IChiefs yavula ngePWD Bamenda yaseCameroon esigabeni sokuhlunga kulo mqhudelwano. “Into ehlekisayo wukuthi akukho muntu owayesibona kukhona esingakwenza kulo mqhudelwano,” kuqhuba uKatsande.

“Besilokhu sibonakala singezukufika ndawo. Sathi uma sibuya ekhaya sadlala ngokulingana. Kwaqala izinkulumo zokuthi ‘hhawu laba bahluleke ukushaya iqembu lesigaba esiphansi futhi eselinesikhathi lagcina ukudlala’.

“Kodwa thina sabeka amehlo ethu phambili ngoba besazi ukuthi sifuna ukufika esigabeni samaqoqo. Phambilini besidlala kulo mqhudelwano kodwa sisheshe siphume.

“Kodwa uma ubheka amava esinawo eqenjini ngokwabadlali abadlalela namaqembu esizwe, sibonile singakuzuza okuthile ngawo. Besilokhu sifunda ngokuqhubeka komqhudelwano.

“Ngemuva kokudlala naleli qembu laseCameroon, sathola elase-Angola (iPrimero de Agosto) emzuliswaneni wokuqala. Sadlala ngokulingana nalo ekhaya. Safika sawina ngo 1-0 ekuhambeni, sangena esigabeni samaqoqo.

“Saqhathwa neWydad, Petro de Luanda neHoroya AC okungamaqembu abelokhu enza kahle kulo mdhudelwano eminyakeni edlule. Nalapho abanye babona ukuthi sesifike ekugcineni.

“Kodwa thina besazi singakhona ukudlula. Umdlalo wokuqala kulesi sigaba sabambana neHoroya ekhaya. Kowesibili saya kwiWydad ekuhambeni, yasishaya ngo 4-0. Abaningi bavele babona sekufike isikhathi sokuthi siphume kulo mqhudelwano.

“Kodwa thina sasilokhu sikholwa ukuthi singenza kangcono. Besibazwela abalandeli bethu ngoba sathi sibuya lapho kwasho ukuthi nasekhaya akusihambeli kahle.

“Nokho sazitshela ukuthi kumele siqhubeke silwe. Salwa kwaze kwagcina imiphumela isisivuna, sakwazi ukudlulela esigabeni somkhumulajezi. Saqhathwa neSimba, kwaqala phansi ukukhuluma kokuthi sizothwala kanzima – okuyinto abayenza ngoba vele bayiqembu elihle.

“Saqhubeka sazikhandla, sashaya amagoli amane, asangangenelwa goli sisekhaya. Sahamba saya kubo, safica benabalandeli basishaya kodwa sakwazi ukudlulela phambili. Sabe sesiphinde sitholana neWydad esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu.

“Sase sike sadlala nabo basibhaxabula, kodwa nathi sabashaya sesisekhaya. Besazi ukuthi kumele senze kangcono ekuhambeni kulokhu. Besikade siwinile emidlalweni yethu yokugcina kwiligi okwasifaka ukuzethemba.

“Saqhubeka sazikhandla, silalela imiyalezo namacebo abaqeqeshi. Umqeqeshi wasitshela ukuthi kumele sibakhombise isithi sizimisele. Wathi noma singadliwa kodwa kumele bakusebenzele lokho.

“Senza kanjengoba babesiyalelile sakwazi ukuwina. Sibuyile ekhaya sahlala endleleni yethu yokudlala, sakwazi ukuphuma nomphumela osifake kowamanqamu. Manje sesikowamanqamu.

“Siyiqembu lesine kusukela lo mqhudelwano waqala ukuhamba lize lifike kowamanqamu lingangenelwanga goli ekhaya.

“Lokhu yinto enhle, esifaka umfutho njengoba siya kowamanqamu. Sisazithobile, siyazi kufana nokuthi asikenzi lutho ngoba asikawini lutho. Kodwa yona indebe siyayifuna futhi sizoyisebenzela. Sizophumula izinsuku ezimbili bese sibuyela ekuzicijeni silungiselela owamanqamu.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.