UKatsande uyakwazi iSekhukhune ezobhekana nakho kwiChiefs

UKatsande uyakwazi iSekhukhune ezobhekana nakho kwiChiefs
UWillard Katsande
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UWillard “Salt and Vinegar” Katsande weSekhukhune United uthi ulindele umdlalo onzima uma ezakhe sezitholana phezulu neKaizer Chiefs emdlalweni weligi ngeSonto.

ISekhukhune izovakashela Amakhosi koweDStv Premiership eFNB Stadium ngeSonto ngo 6 ntambama.

IChiefs sekudlule imidlalo emibili ingadlali ngenxa yokuhaqwa kwabangu-36 yiCoronavirus.

Ayiwudlalanga umdlalo neCape Town City ekhaya, yaphinde yangaya eThekwini lapho bekumele idlale khona neGolden Arrows.

“Asiwatholanga amaphuzu amathathu ebesiwafuna emdlalweni odlule. Ekugcineni iligi iwumjaho, uyawina uphinde ushaywe,” kusho uKatsande.

ISekhukhune ishaywe yiMarumo Gallants ngo 1-0 ekhaya ngoLwesithathu.

“Kubalulekile ukuthi sivuke sizithathe emdlalweni ozayo ngoba besilokhu senza kahle kwiligi. Sifuna ukuqhubeka nokwenza kahle kodwa kumele sizithobe.”

FUNDA NALA: UKekana uzovumbuka kwelaseLimpopo maduze nje

Kuvela ukuthi iChiefs seyibuyele ekuziqeqesheni futhi iFNB ibilungiswa, ichelelwa ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.

“Sinabadlali abanesipiliyoni asebeke babhekana neChiefs. Sizobe sidlala okokuqala neChiefs kodwa ngokwabadlali ababasha kulo mdlalo.

“Kuzoba umdlalo omnandi kodwa siyazi ukuthi iChiefs yiqembu elikhulu, ngaphandle kokungabaza. Badlalela ekhaya futhi ngiyazi ukuthi kunjani uma besekhaya.

“Kumele silindele umdlalo onzima kakhulu. Kumele sizimisele siphushe ngayo yonke indlela. Ozobe efuna kakhulu ukuwina uyena ozothola umphumela omuhle,” kuphetha uKatsande.

Akwaziwa ukuthi iChiefs izobuya injani ngemuva kokungadlali isikhathi eside. Mhlawumbe izobuya ngomfutho noma izokhombisa ukuthi kade yagcina ukudlala.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.