UKekana neSundowns sebehlukene ngokusemthethweni

UKekana neSundowns sebehlukene ngokusemthethweni
UHlompho Kekana
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Sebegcine behlukene ngampela iMamelodi Sundowns noHlompho Kekana njengoba lo mdlali esezoyozama engxenye.

ISundowns ikhiphe isitatimende ngoLwesine emini imemezela ukuthi sebenqume ‘ukwehlukana ngesihle’ noKekana.

Bese kunesikhathi nokho uKekana engalitholi ijezi kwiSundowns kanti Impempe ike yabika phambilini ukuthi ucelwa ukuba awajibe emgibeni amakhokho.

Ngaleso sikhathi kwakuthiwa abaphathi bamcela ukuthi ayeke ukudlala bese ethatha isikhundla sokumela iqembi emicimbini njengoba kwenza uTiyani Mabunda.

Kodwa yena wenqaba wathi usafuna ukuqhubeka nokudlala yize abaqeqeshi base bekuvezile ukuthi abasasiboni isikhala sakhe eqenjini.

Kwaze kwagcina la kufika khona ekutheni kumele akhethe ukushiya kuleli qembu noma awabeke emgibeni amakhokho.

Nokho wacela ukuthi okungenani abolekiswe kuze kube kuphela le sizini kanti kubonakala sengathi nalapho akaphumelelanga.

FUNDA NALA: UKekana kumele anqume ngekusasa lingakavalwa iwindi

Ekhuluma nabadlali ebazisa ngokushiya kukaKekana usihlalo weSundowns uThlopie Motsepe kumele bafunde lukhulu kuye.

“Cishe yonke indawo lapho abekhuluma khona nabezindaba uHlompho ubehlezi ezibiza ‘ngomfana wasemakhaya’.

“Uyazigqaja ngokuthi usuka kuphi futhi usehambe ibanga elide kusuka ekubeni ngumfanyana waseZebediela kuya ekuholeni iSundowns kwiNdebe yoMhlaba yamaqembu.

“Udaba lwakhe yinto engithandazela ukuthi bonke abaholi bakusasa baseNingizimu Afrika lubagqugquzele,” kusho oMotsepe.

ISundowns ithe awuvaliwe umnyango kuKekana ukuthi abuye ngelinye ilanga mhla esewabekile ethala amakhokho.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.