UKekana usayinelwe ukuthi ‘ungumfana kangqongqoshe’ kwiSundowns?

UKekana usayinelwe ukuthi 'ungumfana kangqongqoshe' kwiSundowns?
UGrant Kekana
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Instagram

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uveze ukuthi enye yezinto ezenza basayine isitobha uGrant Kekana yikhaya akhulele kulo.

UKekana ngomunye wabadlalai okwathusa ukuthi asayinwe yiSundowns njengoba bekungalindelekile kwazise nakwiSuperSport United ubengesona isiqongqwane.

Nokho kufanele ukube usebenelisile nabebemgabaza njengoba esayibambe kahle kule midlalo asayidlalile.

Uthe esanda kufika kwalimala uMosa Lebusa kanti nekusasa likaRicardo Nascimento alicaci kuleli qembu.

Lokhu kwenze kusale kuye ukuthi avale isikhala. Wenze omuhle umsebenzi kanti ngempelasonto nguye oshaye igoli lokuqala behlula iKaizer Chiefs ngo 2-0.

UKekana ugxume walingqofela enethini ibhola ebeligotshwe nguLyle Lakay kwesokudla kade kuyi-free kick.

Ebuzwa ngaye, uMokwena uqale ngokuveza okwabaheha kulo mdlali oneminyaka engu-28.

“UGrant uvela emndenini omuhle kakhulu futhi onozinzo,” kuchaza uMokwena ovamise ukugigiyela uma ephendula imibuzo.

“Lokhu kuzozwakala njengento engahlandene nebhola nokudlala kwakhe kodwa ngenye yezinto esizibhekayo lezi.

“ENye yezinto esizibukisisay uma sihlola umdlali wukuthi ungumuntu onjani uma engekho enkundleni.

“Umama kaGrant (uPinky Kekana) uyiphini likangqongqoshe kuhulumeni wakuleli (UPinky Kekana uyiphini ehhovisi likamengameli).

“Uyayibona indlela aziphatha ngayo uma eohakathi kozakwabo nendlela azama ngayo ukuphucula indlela adlala ngayo yena nozakwabo.

FUNDA NALA: Izindaba ezimbi ngoLorch kwiPirates

“Akenzeli ukuvelela yena yedwa kodwa usebenza ngokuzikhandla ukusiza iqembu. Ukuthi asheshe angene eqenjini kwenzeke ngenxa yokulimala okube khona.

“Kodwa ithuba ulibambe ngezandla zombili. Thina sinika abadlali abazikhandlayo ithuba lokudlala,” kusho uMokwena.

Uthe uyamjabulela ngegoli lakhe kwazise lizomsiza naye ekutheni azethembe kangcono emidlalweni ezayo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *