UKekana uzolahlekelwa okuningi uma eshiya kwiDowns, kusho inkakha

UKekana uzolahlekelwa okuningi uma eshiya kwiDowns, kusho inkakha
UHlompho Kekana
UDABA: Thabiso Ngcobo
ISITHOMBE: Twitter

Inkakha yeMamelodi Sundowns uRoger Feutmba isicebise uHlompho Kekana ngekusasa lakhe kuleli qembu.

UKekana kuphele isizini ka-2020/21 elizwa ngendaba ijezi njengoba edlale imidlalo engu-15 isihlanganiswe yonke.

Abaqeqeshi bakhetha ukuqoka u-Andile Jali, Siphelele Mkhulise, Mothobi Mvala noRivaldo Coetzee endaweni ebidlalwa nguKekana phambilini.

Ezinsukwini ezidlule umqeqeshi weSundowns uManqoba Mnqithi uke waveza ukuthi konke kusezandleni zakhe ukaputeni waleli qembu ngekusasa lakhe.

Uthe ngeke bekwazi umthembisa ukuthi uzolithola njalo ijezi kwazise balakha kabusha iqembu. UFeutmba akafisi ukubona uKekana eya kwelinye iqembu.

“UKekana usenze kahle kakhulu kwiSundowns,” kusho uFeutmba owayelibamba sengathi unenomfi onyaweni ibhola kanti nephasi wayeshaya ekanokusho.

“Kodwa ke ibhola linjalo, ngesikhathi ihamba iminyaka uyaqala ucabange nawe ukuthi ubeke amakhokho ethala noma uqhubeke udlale.

“Ukuthi uKekana adlale aze afike kule minyaka ngingasho nje ngingasabi ukuthi ungumuntu owunakekelayo umzimba wakhe.

“Ngokwami uKekana usangadlala kuSundowns, uma kungathiwa angimluleke nje ngingamcela ukuba ahlale eqenjini ngoba usanalo ithuba.

“Noma engeke esadlala njalo kodwa kumele ahlale bese ebheka impilo ngale kwebhola ngoba phela sofika isikhathi sokuth awabeke ethala.

“Ngincamela ukuthi ahlale kunokuthi aye kwelinye iqembu lapho mhlawumbe azofike alahlekelwe yikho konke umndeni weMamelodi Sundowns omhlonipha ngakho.

“Ukuthi akekho umuntu omcela ukuthi ahambe into enhle leyo okumele ayisebenzise ngakuyena akhe nekusasa lakhe,” kuphetha uRoger Feutmba.

UKekana usonyakeni wesibili kwinkotileka yeminyaka emihlanu ayisayine neSundowns kanti amaqembu afana neSwallows sekuvele ukuthi amgaqele lo mdlali.

FUNDA NALA: ULekay unomuzwa omuhle ngomdlalo weChiefs afuna ukuyibhubhisa

Njengoba sekungasasele zinsuku zatshwala ukuba livalwe iwindi lokuthengwa kwabadlali kuzobonakala ukuthi uKekana uthatha siphi isinqumo.

Iwindi lokudayiselana ngabadlali lizovalwa ngomhla ka-31 Agasti. Khona ngeke kube nzima ukuthi alithole elinye iqembu uma enquma ukushiya.

Phela uzakhele igama ngokushaya amagoli amahle okusuke kuyishodi alidonsa ekude. Obeyibambe noKekana kwiSundowns, uTiyani Mabunda yena usevele waliyeka ibhola.

UMabunda mncane kunoKekana ngeminyaka futhi akhona amaqembu abemnunusela ngenkontileka econisa amathe kodwa wanquma ukuyeka ukudlala.

Usegcine enikwe isikhundla sokuba yinxusa leqembu okusho ukuthi usazoqhubeka asebenze kuleli qembu ngesikhathi esazama nokuthola izicucu zokuqeqesha.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.