UKekana weSuperSport uthi badlale kahle kwiDowns, manje sebebheke Usuthu ngqo

OkaDonga Gumbi
Isitobha seSuperSport United, uGrant Kekana, uthi badlale kahle yize begcine becazelene amaphuzu neMamelodi Sundowns ngempelasonto, umdlalo wabo weDStv Premiership uphela ingekho evuma ukugoba uphondo kuba ngu 0-0.
UKekana uthi lona kube ngumphumela omuhle kubo kwazise iSundowns isefomini enhle kulezi zinsuku okuyikhona okuyibeke eqhulwini kwi-Premiership njengamanje.
“Kube wumdlalo omuhle, futhi umphumela ube muhle uma ubheka ukuthi iSundowns yenza kahle kanjani kulezi zinsuku, futhi ayikehlulwa kuligi kule sizini. Manje sesiqedile ngabo, sesilungiselela ukubhekana naMaZulu, futhi sifuna ukuqhubeka nokwenza kahle,” kusho uKekana ongomunye wabadlali asebenamava kuMatsatsantsa a Pitori.
Njengoba le sizini iqale sekukade ngenxa yokubambezeleka kwedlule okwadalwa wukubheduka kweCovid-19, imidlalo isithontelene kanti amaqembu adlala imidlalo okungenani emibili ngeviki.
“Yinto entsha lena kithi,” kuvuma uKekana. “Sekunesikhathi yagcina ukwenzeka kodwa ngicabanga ukuthi indlela izinto ezenzeka ngayo, sisayibambe kahle. Abekho abadlali abalimalayo, lokho kuyinto enkulu kithi, futhi wonke umdlali ubukeka ewumqemane ngaphambi kwemidlalo.
“Ngicabanga ukuthi indlela esiziqeqesha ngayo ejimini iyasiza, futhi sesiyajwayela manje ukudlala njalo, sekumele siqhubeke nje nokwenza kahle.” Ekhuluma ngezimbangi zabo zangoLwesithathu ntambama eLucas Moripe Stadium, Usuthu, uKekana uthe kuzomele babe mehlomane emuva ngoba AmaZulu adlala ibhola eliyaphambili ngaso sonke isikhathi.
“Banomqeqeshi omusha uBenni, siyamazi ukuthi uthanda iqembu lakhe lidlale ibhola eliyaphambili, futhi benza kahle yize begcine bebambene (ngo 0-0) neMaritzburg (United, ngempelasonto). Okusalayo badlala ibhola elimnandi futhi elibheke phambili. Thina kuzomele siqhamuke neqhinga lokubakhubaza bese sigxila kulokho okusisebenzelayo ngethemba lokuthi kuzosibuyela nomphumela ojabulisayo,” uchaze kanje uKekana.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *