UKelehe akayizwisisi eyokwehliswa kwemali ezowinwa kwiComrades

UKelehe akayizwisisi eyokwehliswa kwemali ezowinwa kwiComrades
UGift Kelehe
Alfred Ngubane 

Umpetha weComrades Marathon yango-2017 uGift Kelehe uhlaba ukukwehliswa imali ezotholwa abazonqoba lo mjaho kulo nyaka.

Le mali yehlele kuR525 000 kwabesilisa noR260 000 kwabesifazane ekubeni eyokungenena umjaho yona yenyukile. Abasubathi balapha eNingizimu Afrika bazongena ngoR1 200.

Kuzothi abamanye amazwe ase-Afrila eyabo ibe nguR2 000 kanti kwabamazwe angaphesheya kwezilwandle inyukele kuR4 400.

UKelehe uthi kuyadabukisa ngoba kule minyaka edlule bebenezikhalo ngokungenyuki kwemali yonqobile kodwa manje sebeyaphinda bayayehlisa.

Uthi kuphindelwa emuva kunokuba kukhulwe, okuyinto ayibona njengezowubulala lo mjaho ngempela.

“Akwehli kahle kithi njengabagijimi ukuthi kuvele kwehliswe imali esizoyiwina bese kwenyuswa eyokungenela.

“Ayizwakali neze kahle lento kanti ingagcina ibenza abanye bawudube lo mjaho, bengabe besaba nesasasa lawo,” kusho uKelehe.

FUNDA NALA: USikhakhane unecebo athi bengayiqimba phansi ngalo iHoroya

Usihlalo weComrades Marathon uMqondisi Ngcobo uthi baqale baxoxisana neLondon Marathon ngokukhuphula nokwehlisa lamanani.

“Isizathu kube wukushayeka kakhulu ngesikhathi seCovid-19 saphinde salahlekelwa ngabaxhasi abaningi njengoBonitas nabanye.

“Kusiphoqile ngempela ukunyusa imingenelo nokwehlisa imali kwabazokuba ngabanqobi kulo nyaka, hhayi ngoba sizenzela nje,” kusho uNgcobo.

Lo mjaho wethulwe ngokusemthethweni ngoLwesine eGoli kanti kulo nyaka kuzoba ngokokuqala ukuthi igijinywe ngo-Agasti njengoba beyivamise ukuba ngoJuni.

U-Agasti ke kuvamise ukuthi kube ngoweMandela MarathonyaseMgungundlovu nokho izinto sezijikile.

IComrades idonsa amehlo omhlaba njengoba ihamjelwa ngabasubathi abaphuma emazweni omhlaba jikelele.

Nabezindaba umhlaba wonke bathutheleka KwaZulu-Natal okuyinto efukula umnotho wesifundazwe njengoba kusuke kufike nabasuke bezobuka.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *