UKelehe naye usevele wahoxa kwiComrades ekhala ngemali encane

UKelehe naye usevele wahoxa kwiComrades ekhala ngemali encane
UGift Kelehe oseqoke ukungayigijimi iComrades Marathon nonyaka
Alfred Ngubane 

Umsubathi obebhekwe kwabangase badle umhlanganiso kwiComrades Marathon uGift Kelehe usehoxile kulo mjaho ozogijinywa ngeSonto – uKelehe uhoxe sekubalwa amahora uqale umjaho.

Lo mjaho uzosukela eMgungundlovu uphelele eThekwini. UKelehe uhoxe ngosuku lokugcina elandela uGerda Steyn naye omemezele ukuthi ngeke esawugijima lo mjaho.

Bobabili laba basubathi bakhala ngokuthi incane kakhulu imali ewinwa kulo mjaho odume umhlaba wonke nokhuza ibuya kulandela ukungagijinywa iminyaka emibili ngenxa yeCovid-19.

Ekhuluma neMpempe, uKelehe uthi abaphathi beComrades Marathon baxhaphaza abasubathi njengoba bekhokha amakinati.

“U,ma kuzoqhubeka kanjena lo mjaho uzogcina sewugijinywa ngabantu abazichithela isizungu kuphela, bengasekho abasubathi bangempela.

“Lento yemali encane ixosha abasubathi,” kuchaza yena. Kuzokhumbuleka ukuthi uKelehe ubengumpetha weComrades ngo2016 waphinda wangena kwabayishumi iminyaka ilandelana .

Ephetha inkulumo yakhe, uveze ukuthi uzoyogijima phesheya kwezilandle eFrance ngo-Okthoba nokuyingakho ekhethe ukonga amandla akhe ngokuhoxa kwiComrades.

Khonamanjalo, uNick Bester oyimenenja yabasubathi beNedbank Running Club ukhale naye esikanandi ngemali encane.

FUNDA NALA: UHunt ucikwa wukuxhashazwa kweSuperSport yiSundowns

Ekhuluma neMpempe, wathi kuzomele abaphathi beComrades bayilungise indaba yemali ngoba izomosha lo mjaho ohlonishwa umhlaba wonke jikelele.

Into abakhala ngayo kakhulu wukuthi kumosheka imali eningi uma umsubathi osezingeni elikhokhelayo elungiselela lo mjaho.

Abazowina lo mjaho nonyaka bazohlomula uR260 000 ezigabeni zabesilisa nabesifazane ngokwehlukana. Abazothatha indawo yesibili kuzoba nguR130 000. Indawo yesithathi izothola uR90 000.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *