UKelly Khumalo uhlokoloze abantu ethi uSenzo waduma ngaye

UKelly Khumalo uhlokoloze abantu ethi uSenzo waduma ngaye
UKelly Khumalo owayeyisinqandamathe sikaSenzo Meyiwa
Sbongs Gumbi

Umculi odumile wakuleli uKelly Khumalo uxhile abantu abaningi, ikakhulukazi abalandeli bebhola ngesikhathi ethi uSenzo Meyiwa waduma ngaye.

UKelly ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabe-eNCA ngoMsombuluko. uMeyiwa wayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana.

Washona ngokudutshulwa ekhabokaKelly owayeyintombi yakhe ngaleso sikhathi kanti icala lokufa kwakhe kumanje lisenkantolo.

Sekuthathe isikhathi eside lingasombululeki njengoba ashona ngo-Okthoba 27 ku-2014 kodwa kuze kube manje akukacaci ukuthi wafa kanjani.

‘”Sinennkinga enkulu lapha eNingizimu Afrika futhi ayibhekene nje noKelly Khumalo ongumculi kuphela,” kusho uKelly.

“Lento ibhekene nomuntu osendaweni engeyinhle ngokwesimo sempilo ngoba walahlekelwa umuntu amthandayokodwa ubulungiswa abukenzeki.

“Ngicabanga ukuthi into embi kakhulunkimi wukuthi abezomthetho nobulungiswa bangenzele phansi. Njengomuntu waseNingizimu Afrika ngiyawuthemba futhi ngiyakholelwa emthethweni.

“Ngikholwa wukuthi umthetho ukhona ukuze ungivikele mina nabanye abantu bakuleli. Kodwa okwenzeke kimi, ngizithole sengisathsiswa… kaningi futhi nangezindlela ezihlukene.

FUNDA NALA: IPSL seyithule abaxhasi abasha bomqhudelwano womkhumulajezi

“Njengamanje angiboni ukuthi abomthetho kukhona abakwenzayo ukuqinisekisa ukuvikeleka kwami,” kusho uMaKhumalo.

Ube esexhila abaningi ke ngesikhathi esethi yena wayengeke azixake ngokubulala uMeyiwa ngoba vele wayengaziwa muntu, waduma ngoba nakhu esejola naye.

“USenzo Meyiwa wayengaziwa muntu kwaze kuba usesondelene negama likaKelly Khumalo,” kusho le ntokazi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.