UKelly Khumalo uyena owadubula uMeyiwa ngephutha, kusho ummeli

UMalesela Teffo
Sihle Ndlovu

Libukeka kukhona lapho liya khona icala likaSenzo Meyiwa owayedlalela i-Orlando Pirates neBafana Bafana owadutshulwa washona ngo-2014.

Leli cala liyaqhubeka enkantolo phezulu ePitoli lapho uMalesela Teffo kunguyena opheka ofakazi ngebhojwana elincane.

Okuhlaluke ngoLwesithathu ukuthi uTeffo usamile ekutheni kukhona abantu okumele bazofakaza akholwa wukuthi babekhona ngesikhathi kubulawa uMeyiwa.

“Kukhona ufakazi ongafika atshele inkantolo ukuthi uKelly (Khumalo) uyena owadubula uMeyiwa ngephutha esebenzisa isibhamu sikaLongwe Thwala,” kusho uTeffo.

Lo mmeli ugcizelela ukuthi akekho owangena ezokhuthuza wase edubula uMeyiwa. Ulibeka ngembaba elokuthi kwenzeka iphutha kudubuleka uSenzo ‘futhi uKelly owamdubula ngephutha.’

Kuyaziwa ukuthi umndeni wakwaMeyiwa uhambisana noTeffo mayelana nokwenzeka eVooslorus lapho kwadutshulwa khona uMeyiwa, okuyikhaya likaKelly owayeyintombi yakhe ngesikhathi kwenzeka lo mshophi.

Icala liyaqhubeka futhi Impempe izolokhu ibheka ukuthi izogcina izale nkomoni.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.