UKermit Erasmus ugonyuluke ngenhlalo nokushiya kwiSundowns

UKermit Erasmus ugonyuluke ngenhlalo nokushiya kwiSundowns
Umgadli we-Orlando Pirates uKermit Erasmus

 

Kusobala ukuthi uKermit Erasmus akazange ajabule ngendlela aphathwa ngayo ngesikhathi esezoshiya kwiMamelodi Sundowns ngoSepthemba. 

U-Erasmus ujoyine iPirates ngosuku lokugcina lokudayiselana ngabadlali kwiPremier Soccer League. Lokhu kwaqeda amahlebezi ayekhona ngekusasa lakhe. 

Phela ngaphambi kokuthi ahambe, kwethusa abaningi ukubona iSundowns inika umdlali wayo omusha uMarcelo Allende inombolo ebigqokwa yilo mgadli. 

Ukuthi kunegqubu elikhona phakathi kwakhe naleli qembu laseChloorkop kuhlale obala emdlalweni wePirates neSundowns kwiCarling Black Label Cup muva nje. 

Lo mgadli omfishanyana kwakuthi akamudle luhlaza umqeqeshi weSundowns uRulani Mokwena, behilizisana kubuka izwe lonke kulo mdlalo obuseFNB Stadium muva nje. 

Ekhuluma ngenhlalo nangokuhamba kwakhe kwiSundowns nabeSAfm ngaphambi kwalesi sigameko, u-Erasmus waveza okwakungamphathanga kahle. 

“Ngangingakaze ngicabange ukuthi ngingazithola kulesi simo engangikuso,” washo kanje lo mgadli. 

“Bengingadlaliswa futhi angangatshelwa ukuthi ngeke ngisaqhubeka nokuba yingxenye yeqembu. 

“Nendlela engathola ngayo (ukuthi ngiyahanjiswa)… Kwadingeka ngibhekane nakho njengendoda ngendlela engayibona ifanele. 

“Kwadingeka ngibeke umqondo wami ezintweni engingakwazi ukuzilawula – ngaqhubeka nokujima ukuze ngihlale ngifithi.” 

Yize kunjalo, uthi uyasiqonda lesi simo ngoba vele yimpilo yasebholeni noma aphoxeka nje indlela okwenzeka ngayo. 

“Ngaphoxeka ngendlela okwaphela ngayo phakathi kwami neSundowns kodwa ke lokho ngezinye zezinto ongeke uzilawule… 

FUNDA NALA: OweGhana uthi abahambisile isipheko eQatar

“Angiqondile ukungahloniphi, kodwa mina ngihlezi ngikhetha ukugxila ezintweni engikwaiz ukuzilawula, ngiphume kwezinye.” 

Okungenzeka ukuthi kwamphula umoya kakhulu lo mgadli wukuthi akekho kubaqeqeshi beSundowns owamchazela ukuthi woneni esededelwa isigubhukane nje.  

“Ibhola linjalo. Kwadingeka ngibone izinto ngaleyo ndlela bese ngibeka ukuzigqaja nemizwa yami eceleni ukuze ngiphume kahle kulesiya simo.  

“Akekho kubaqeqeshi owake wangichazela futhi lokho yikho okungiphoxa kakhulu. Kodwa ke yibhola, linjalo nje. 

“Mhlawumbe abaqeqeshi kumele bagxile eqenjini lilonke hhayi kumdlali ngamunye,” kuchaza yena. 

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *