UKerr akuyena ovikise iSwallows izembe, kusho isikhulu

UKerr akuyena ovikise iSwallows izembe, kusho isikhulu
UDylan Kerr obeqeqesha iSwallows FC
Sbongs Gumbi

Isikhulu seSwallows FC uDavid Mogashoa uphika indaba yokuthi nguDylan Kerr osize leli qembu ukuba livike izembe.

ISwallows ibuye seyidlala kweyokuhlula la nakhona kuke kwayitshekela kwangathi nebala izokwemuka namanzi iyodlala kwiGladAfrica Championship.

UKerr wabe esethola ukunconywa ngalokhu, kuthi nguye osize iqembu luvike izembe. Naye waze wayokwenza umdwebo weqembu esithweni sakhe.

Lokhu kuwuphawu lwakhe lokuthi ube nempumelelo neqembu. Kodwa uMogashoa uthi lutho, umsebenzi umhlulile.

Isikhulu lesi sithi indlela afike isemningi ngayo imidlalo esele uKerr bekumele iqembu lingayi kwakuya nje ngasezembeni.

UKerr wafika iSwallows isasele nemidlalo engu-18, kodwa akangakwazi ukwenza umehluko kwaze kwabe igcina seyivika izembe.

“Ngiyezwa nje abantu abaningi bethi umqeqeshi usindise iqembu ezembeni,” ucashunwe esho kanje uMogashoa ngabeSABC Sport.

“Asimlandanga sekusele imidlalo emithathu noma emihlanu. Lo mqeqeshi ufike kusele imidlalo engu-18…

“Manje uma enemidlalo engu-18 kukhona ofike kwelinye iqembu sekusele emihlanu, bese kuthi lo onemihlanu alivike izembe, ubani osize iqembu? Yilo obefike kusele imidlalo emihlanu.

“Lo mqeqeshi ubenemidlalo engu-18. Kule midlalo engu-18 ngeke uthi lowo muntu utakule iqembu ezembeni. Empeleni ucishe walifaka ezembeni iqembu.

“Thina kule midlalo engu-18 besilindele ukuthi asithathe asibeke endaweni yeshumi noma yesishiyagalombili kwilogi, hhayi ukuthi sivike izembe.”

FUNDA NALA: IPirates seyidalule abanye abadlali ababolekiswayo

Ubuye waba yigundwane ke nokho uMogashosa esepholisa njengoba ebeselume kakhulu kulo mqeqeshi oseke wavikisa iBaroka ezembeni phambilini.

“Nokho ngeke ngimsole kakhulu umqeqeshi ngoba ufice iqembu elinabadlali abebebaningi kakhulu. Bekunabadlali abebengajabule ngoba bebelizwa ngendaba ijezi.

“Lokho kuyingxenye yezizathu zokuthi singenzi kahle. Kodwa noma kunjalo ngeke ngithi umqeqeshi usitakule ezembeni,” kuchaza uMogashoa.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.