UKerr uthembisa ukuyidiliza ebhasini elibheke ehlathini iSwallows

UKerr uthembisa uyihlangula emlilweni wezembe iSwallows
UDylan Kerr oqeqesha iSwallows FC
OkaDonga Gumbi

Umlando uvele uvuna iSwallows FC njengoba izoqala imidlalo yokuhlungela ukuthi iyabuyela yini kwiDStv Premiership noma iya ehlathini.

ISwallows izodlala namaqembu asuka kwiGladAfrica Championship i-University of Pretoria neCape Town All Stars emidlalweni yokuhlunga ezoqala ngasekupheleni kukaMeyi.

UKerr uthi indlela abadlala kahle ngayo imnika ithemba lokuthi bazobuya ngemuva kwalo midlalo, ngeke bashibilike bangene ehlathini.

Eminyakeni edlule amaqembu asuka kwiPremiership yiwo abefike akhonye kule midlalo yokuhlunga bese eyajika abuyele phezulu.

NeSwallows izoba nethemba lokuthi izoqhubeka nalowo mgqigqo njengoba kulokhu kuyiyo eyodlala kule midlalo.

Nokho kuzomele izibambe ziqine njengoba bobabili Igugu leKapa naMaTuks bekhombisile ukuthi abangamaqembu ahlangene kahle.

“Kuyichilo nje ukuthi sikhuluma ngokuyodlala imidlalo yokuhlunga uma ubheka indlela esidlala ngayo,” kusho uKerr ngemuva kokubambana ngo 2-2 neKaizer Chiefs ngoMgqibelo.

“Manje sibhekaphi uma sisuka lapha? Kumele sisinde. Leli yiqembu elidala kunawo wonke eNingizimu Afrika futhi lingelinye lanabalandeli abaningi,” kusho yena.

Ubasolile nabo abalandeli ngokungaphumi ngobuningi babo ukuzokweseka iqembu ikakhulukazi emdlalweni wokugcina obuseFNB Stadium.  

FUNDA NALA: OweChiefs udukisa umkhondo ngomgadli abamsayinile, uncoma okungebona

“Kuyihlazo ukuthi inkundla beyingagcwele. Kuyihlazo nje ukuthi abalandeli abaphumi ngobuningi ukuzosibuka uma sidlala ngoba bengabuyela emuva begcwele injabulo ngendlela esidlala ngayo.

“Kodwa ke akukapheli. Sinamaqembu amabili azobe ebheke ukushaya iSwallows bese enyukela kwiPremiership. Kodwa sizoqinisekisa ukuthi akwenzeki lokho.”

Uma ephumelela ukuhlenga leli qembu uKerr, kuzobe sekungelesithathu elisindisa sekuvalwe amehlo.

Ngesizini eldule usindise iTshakhuma Tsha Madzivhandila kanti ngaphambi kwalokho wakhipha iBaroka kulolu daka.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.