UKerr weSwallows usola abadlali bakhe ngokusaba uNdlondlo weGallants

UKerr weSwallows usola abadlali bakhe ngokusaba uNdlondlo weGalaxy
OkaDonga Gumbi 

Usale esola abadlali bakhe ngokuthi bayinikeze inhlonipho kakhulu iMarumo Gallants umqeqeshi weSwallows FC uDylan Kerr.

Lamaqembu adlale ngokulingana emdlalweni weDStv Premiership obusePeter Mokaba Stadium ngeSonto ntambama.

ISwallows ilishaye zisuka nje igoli ngonyawo lukaRuzaigh Gamildien kodwa yasheshe yayidedela neGallants ukuthi ibuye umdlalo wagcina uphele ngo 1-1, kwacwazwa amaphuzu.

Lo mphumela awuyisizanga iSwallows njengoba isathalaza le emsileni. Isendaweni yesibili ukusuka emuba kanti ishiya iBaroka engemuva kwayo ngamaphuzu amabili.

Isele ngamaphuzu amabili nakwiTS Galaxy engenhlak kwayo. Yingakhoke nje uKerr ebona sengathi balahle amaphuzu amabili kunokuthi bawine elilodwa.

“Siwuqale kahle kakhulu umdlalo, yilokho vele ebesikudinga. We had UGamildien ubekudinga ukushaya igoli ikakhulukazi ngemuva kokushweba imbuzi yethuba kwiMaritzburg United.

FUNDA NALA: AmaZulu acathamela umqeqeshi weSundowns

“Kulokhu akazange atatazele, wenza into efanele walibeka enethini,” kusho uKerr owalandelwa ukuzovimba iDube Birds ingayi entarashishi kodwa ijike ibheke eNiniva.

“Bese ngiqalile ngicabanga ukuthi ya la sizophuma nawo lo mphumela esiwufunayo. Kodwa ke sibe sesikhombisa ukubahlonipha kakhulu oNdlondo, Monde Mphambaniso noMiguel Timm.

“Esiswini besingabavaleli izikhala kanti nasemuva besivimbe siseduze kakhulu nepali lethu. Sibe sesibapha ibhola elibekwe phansi, sangakwazi ukuzivikela,”  kuchaza uKerr.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *