UKeshav useyinxusa leHollywood Foundation, ujabulele ukuvundulula amakhono

UKeshav useyinxusa leHollywoodbets, ujabulele ukuvundulula amakhono
UKeshav Maharaj (kwesokudla)
Alfred Ngubane

Ukaputeni weHollywoodbets Dolphins, uKeshav Maharaj, useqokelwe esikhundleni sokuba yinxusa leHollywoodbets Foundation.

Lo mdlali usengomunye wabaphambili kuleli njengoba esezakhele igama eqenjini naseqenjini lesizwe amaProteas, ngokuba ngumshwibi othenjiwe.

Ukuqokwa kwakhe kulandela abanye ozakwabo beminye imidlalo, esingabala izingwazi zakudala zebhola okukhona kuzo oBrian Baloyi wodumo kwiKaizer Chiefs neBafana Bafana, noJerry Sikhosana wodumo kwi-Orlando Pirates neBafana Bafana.

Kukhona noSiya Kolisi weCell C Sharks, nabasakazi bezemidlalo esingabala kubo uRobert Marawa, Carol Tshabalala kanjalo nentokazi yakwamashu engumlingisi uNomzamo Mbatha.

Ekhuluma neMpempe, uKevash ukuchaze ukuqokwa kwakhe njengesibusiso kubantwana abasakhulayo nabanothando lokudlala umdlalo wekhilikithi.

“Lokhu kuzonginika ithuba lokuhambela izindawo ezahlukene ukuze ngisize ukuvundulula amakhono kubafana namantombazane abasebancane,”  kusho yena.

Phakathi kwezindawo azozihambela ubale Umlazi, KwaMashu nasezindaweni ezisemakhaya ezingaphansi kukamasipala waseThekwini.

FUNDA NALA: USerena Williams uthi uselalela umzimba ukuthi uyavuma yini ukuthi ayodlala

Uphinde wagonyuluka ngokuhlulwa amahlandla amathathu yiqembu leTitans athi selibaphuze inyongo ngendlela elibehlula ngayo njengoba libashaye kwiCSA One Day Cup neCSA T20 Challenge.

Uthe bazoqinisekisa ukuthi uma sebephinda behlangana bakwazi ukuzibuyiselela kuleli qembu ukuze kungaze kugcine kuwumkhokha ukubashaya kwalo.

“Angisho ukuthi ngibeka izaba kodwa kukhona abadlali abanohlonzo eqenjini labo abazoba bekhona bengahambanga neqembu lesizwe.

“Lokho akusho lutho ngoba nathi sinazo ezethu izihlabani esithembele kuzo kukhona kuzo o-Andile Phehlukwayo, Khaya Zondo noDavid Miller,” kuphetha yena.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.