UKgatlana ufeze iphupho ejoyina izinkunzi zaseSpain iMadrid

UKgatlana ufeze iphupho ejoyina izinkunzi zaseSpain iMadrid
UDABA: Thabiso Ngcobo
ISITHOMBE: Twitter

Siqede ukuqagela ngekusasa laso isikwlibhisi somgadli weBanyana Banyana, uThembi Kgatlana emenyezelwa njengomdlali omusha wezinkunzi zaseSpain, i-Atletico Madrid ngoLwesibili.

Lesi siphekepheke seBanyana sisayine iminyaka emibili neMadrid. Inkontileka yakhe izophela ngo-2023. UKgatlana, oneminyaka engu-25, ubekade egijima kwi-SD Eibar yakhona eSpain ngesizini edlule lapho eqhulule khona amagoli angu-10 emidlalweni engu 21.
Lo mgadli uke waqokwa njengomdlali wonyaka e-Afrika ngo-2018 kulindeleke ukuba aqhubeke nomgqiqo wakhe omuhle wokungalibheki ipali. Ukusayina kwakhe kwiMadrid kwandise isibalo sabadlali beBanyana abayibamba emaqenjini amakhulu e-Europe.
UKgatlana wazakhela igama kahle kwiBanyana ngesikhathi ewashaya ngathi uyabukisa amagoli kwiCAF Women’s Cup of Nations eminyakeni emibili edlule. Yikho lokhu kwenza kahle okwamvulela amathuba okuyodlala phesheya njengoba esephenduka isihlabani khona nje,
FUNDA NALA: Isikhulu sePirates sithi akayi ndawo uZinnbauer okwamanje
Phakathi kwabanye abadlali abagijima kwizikhondlakhondla zamaqembu phesheya kwezilwandle kukhona uRefiloe Jane osemabhukwini e-AC Milan yase-Italy noJanine Van Wyk obekwiGlasgow City yaseScotland.
UVan Wyk yena usanda kuveza nokho ukuthi akasabuyeli eScotland yize ewine iligi ngoba usefuna ukugxila ekukhuluseni iqembu lakhe lakuleli, IJWV Ladies edlala kwiHollywoodbets Super League.
EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *