UKhaka noKapp bakhombisa ubunkakha kwiNdebe yoMhlaba

U-Ayabonga Khaka

 

Sihle Ndlovu

Abashwibi ababibili bamaProteas abesifazane, benza into yamehlo kwiNdebe yoMhlaba ka-2022 eqhubekayo eNew Zealand.

U-Ayabonga Khaka noMarizanne Kapp bakwenza kube lula ukuthatha amawikhethi. Laba badlali yibona abazihola phambili ngokuthatha amawikhethi kwiNdebe yoMhlaba, njengoba bobabili sebethathe ayishumi.

Ukwenza kahle kukaKhaka noKapp kunomthelela omkhulu ekutheni njengamanje amaProteas awayazi induku emidlalweni emine ayidlalile. Lokhu kunika ithemba lokuthi azobalwa namaqembu amane azodlala kweyandulela owamanqamu.

INingizimu Afrika seyishaye iBangladesh, Pakistan, England neNew Zealand. Emdlalwemi wokugcina amaProteas uKhaka noKapp, yibona abaqinisekise ukuthi iqembu lakuleli liyawina, sekuvalwe amehlo.

UKhaka ungene enkundleni eyibambile uKapp kodwa inkinga kuwukuthi abebedlala naye bebelokhu bephuma. Ubambelele uKhaka, amaProteas agcina ewine ngamawikhethi amabili.

Okuhle ngoKapp ukuthi muhle nangokubhetha njengoba emdlalweni wokugcina eshaye ama-run angu-32. UKapp uthathe amawikhethi amathathu, kwathi noKhaka wathatha awakhe amathathu beshaya iNew Zealand.

Laba kuzomele baqhubeke nomgqigqo omuhle uma amaProteas esetholana phezulu ne-Australia eBasin Reserve, eWellington, ngoLwesibili.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.