Ukhala ngenguzanguza yebhasi elipakwe yiSundowns uBenni

UBenni McCarthy

OKADONGA GUMBI

UBenni McCarthy uthi uyaziqhenya ngabadlali abaphuzise iMamelodi Sundowns umuthi wayo obabayo ehlale ichatha ngawo abanye, beyiphoqa ukuthi igcine seyihlala ibe yinqwaba emuva okwaziwa ngokuthi wukupaka ibhasi ngolimi lwasebholeni.

Ukusho lokhu ngemuva kokuba AmaZulu ecishe ayigojela iSundowns emdlalweni weDStv Premiership eJonsson Kings Park Stadium ngoLwesithathu ntambama – uphele ingekho egobe uphondo kuba ngu 0-0.

“Ngijabule ngiyafa futhi ngiyaziqhenya ngabadlali bami abakhombise ubuqhawe nokuthi bayilambele futhi bazoyilwela impumelelo,” kusho lo mqeqeshi obeze akhuzwe nguSteve Komphela weSundowns eselwisana nonompempe.

“Baphathe umdlalo bebhekene neSundowns eyiqembu la amanye avele azipakele ibhasi. Kodwa ngiyafunga, bekuyibo abebepake ibhasi kulokhu ngoba sesiside isikhathi ngagcina ukubona oSiphelele Mkhulise, Lebohang Maboe, Rivaldo Coetzee, Lyle Lakay noThapelo Morena bevale emuva kangaka.

“Umphumela bewusifanele sonke kodwa mina bengifuna okungaphezulu kwalokhu esikuzuzile,” kuqhuba uMcCarthy.

Umphumela uvune iSundowns ngoba usho ukuthi isenegebe lamaphuzu amahlanu eqhulwini ekubeni isanemidlalo emithathu eyigodle ekhwapheni.

Uthe indlela abebedlala ngayo iyididile iSundowns ngoba bebeyilawula, kuyibo abahleleke kangcono.

“Besihleleke kangcono futhi sibe namathuba okubadabula ngokubazuma, sikwenze kahle lokho ngobuchule ngesivinini esimangalisayo, kodwa ngebhadi asangathola umphumela ebesiwufuna.

“Ukube sithole amaphuzu amathathu besizosondela kubo, futhi lo mphumela uvuna bona ngoba basasishiya ngamaphuzu ayisithupha,” kusho yena.

Usuthu lweqiwe womkhaya balo iGolden Arrows esihleli endaweni yesibili ngemuva kokushaya kwayo iSuperSport United ngo 1-0 ngawo uLwesithathu.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.