Ukhala ngephenathi ‘ecace bha’ ephikiwe uZinnbauer wePirates 

UThembinkosi Lorch obe nguMdlali oVelele i-Orlando Pirates yehlula iKaizer Chiefs

OKADONGA GUMBI

Usale ebhonga emsaneni umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJosef Zinnbauer ezakhe eziphinde zaphikelwa iphenathi ebicace bha, ebingabonwa nayingane encane emdlalweni weDStv Premiership abashaye kuwo iKaizer Chiefs ngo 2-1, e-Orlando Stadium ngoMgqibelo.

Bekungumzuzu ka-70 ngesikhathi uHappy Mashiane ebamba uVincent Pule qede wamdonsa ngejezi waze wamqumba phansi engaphakathi ebhokisini langakubo.

Kodwa unompempe, uBandile Badi waphika walala ngomhlane wathi akuyona iphenathi. Nokho izithombe zethelevishini zikhombise ukuthi ushaye udaka ngesinqumo sakhe.

“Bekuyiphenathi ecace bha leya esiyiphikelwe ngesiwombe sesibili. Umdlali weChiefs umbambe ngazo zombili izandla uPule, kodwa angazi unompempe ubebhekeni yena njengoba engakubonanga lokho,” kusho uZinnbauer.

“Kodwa sijabule manje, siwine umdlalo woMkhaya sathola amaphuzu amathathu okuyikho ebesikufuna ukudlula yonke into.” UZinnbauer uncome nonozinti wakhe uRichard Ofori obakhiphe kaningana odakeni.

“IChiefs inendlela yayo yokudlala. Bathumela amabhola ebhokisini bephindelela kanti kunzima ukuwavimba. Kumele simncome uRichard, ube nomdlalo omuhle…

“NoLorch ibimfanele indodo yokuba nguMdlali oVelele kulo mdlalo, ubesezingeni eliphezulu kakhulu. Kodwa kube wokubambisana njengeqembu okusiwinisile,” kuchaza uZinnbauer.

“Le wini ngeyekhethelo kubalandeli. Ibalulekile kubo okudlula kithi. Thina ebesikudinga amaphuzu amathathu. Ngijabule ukuthi sibanikezile abalandeli abebekufuna,” kuphetha uZinnbauer.

Leave a Reply

Your email address will not be published.