Ukhala ngephenathi yomgunyathi ephiwe iRoyal AM oweChippa

Ukhala ngephenathi yomgunyathi ephiwe iRoyal AM oweChippa
UGavin Hunt
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UGavin Hunt, ocija iChippa United ukholwa wukuthi ubanjwe inkunzi ngesikhathi iqembu lakhe lishaywa iRoyal AM ngempelasonto edlule.

IChilli Boyz ishaywe yiMaMkhize Boys ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership obuseChatsworth Stadium, eThekwini ngeSonto.

Okukhalisa uHunt yiphenathi enikwe iqembu lasekhaya, iRoyal AM akholwa ukuthi bekungeyona kube yisipho nje.

“Asidlalanga kahle nathi, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala. Ngesiwombe sesibili besibahle kakhulu.

“Kodwa okusobala wukuthi isinqumo sokubeka iphenathi besingacacile. Empeleni nje kwakungeyona iphenathi leya,” kusho uHunt.

“Linjaloke nokho ibhola. Sizoziqoqa sibheke phambili. Nakanjani besifanelwe yiphuzu kulo mdlalo kodwa manje kumele siqale phansi bese siqhubeka.”

IChippa beyiqala ukushaywa kulo mdlalo selokhu kuqale imidlalo yeligi. Ivule isizini ngokushaya iSekhukhune United.

Yalandelisa ngokubambana neMamelodi Sundowns emdlalweni wesibili. Okuyisiqalo esingesino neze.

EzikaHunt zizobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni weligi eNelson Mandela Stadium, ePort Elizabeth ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

“Sizoba nesonto elifushane ngoba asikwazanga ukubuya eThekwini ngenxa yesimo samabhanoyi.

“Kudingeke ukuthi sibuyele ekhaya ngoMsombuluko. Silahlekelwe usuku olulodwa kodwa sikahle.

“Yinto enhle ukuthi sinomunye umdlalo esizowudlala maduze,” kusho lo mqeqeshi oxoshwe yiKaizer Chiefs ngasekupheleni kwesizini edlule.

FUNDA NALA: Sizobangiswa okwezikhundla zokukhansela isicoco seligi e-England

IPirates izobhekana neChilli Boys nje isanda kushaya iSwallows FC ngo 1-0 ngoMgqibelo. IBucs ibiqala ukuwina kulo mdlalo selokhu kuqale isizini.

“Sizama ukubuyela kulokhu ebesizama ukukwenza ngaphambi kokuthi kuqale isizini.

“Imidlalo yehlukile kodwa sizozama ukuphinde senze ngendlela esenza ngayo. Okubalulekile isimo sethi semiqondo,” kuphetha uHunt.

IBucs izoya kulo mdlalo ngaphandle kwabadlali abafana noThembinkosi Lorch, Zakhele Lepasa, Innocent Maela noRichard Ofori, bonke abalimele.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.