Ukhala ngesizungu sabalandeli umgadli weChiefs ofuna ukuvuka ngePirates

USamir Nurkovic weKaizer Chiefs

OKADONGA GUMBI
Uthi ukungabi khona kwabalandeli enkundleni kunomthelela ekutheni izinga lingabi la lifuneka khona umgadli weKaizer Chiefs uSamir. Nurkovic.
Lo mgadli waseSerbia ubevutha engabaselwe ngesizini edlule kwaze kwaba uphazanyiswa ukulimala ngasekupheleni kwesizini edlule.
Uthe uselwela ukubuyela efomini yakhe kanti unethemba lo mdlalo wangeSonto abazobhekana kuwo ne-Orlando Pirates eFNB Stadium uzoba yisikhiye.
“Kuyiphupho lanoma yimuphi umdlali ukushaya igoli emdlalweni womkhaya… kodwa kuzoba nzima bengekho abalandeli ngoba bafana nomdlali wethu ka-12,” kusho uNurkovic.
Bekunzima kimi (ngesikhathi elimele), futhi kwenze ngangaba khona kulungiselelwa isizini.
“Ngizama ngayo yonke indlela ukubuyela ezingeni ebengikulo futhi ngethemba ukuthi ngeSonto kuzoba wusuku lwami.”
Sekunemidlalo engaphezu kweshumi manje ebuyile uNurkovic kodwa usayibhakuzise kanye inethi, uthi lokhu akunkhathazi kodwa ugxile ekubuyeleni efomini yakhe.
“Lutho, kunomehluko omkhulu kule sizini nedlule. Ngesikhathi ngifika ngesizini edlule, saba nenyanga nohhafu wokulungiselela isizini. Kulokhu angizange ngibe naso leso sikhathi.
“Ngithe ngibuya ekulimaleni kwadingeka ngingene eqenjini eliqala imidlalo (ngingakabifithi kahle).
“Kumele ngisebenze ngokuzikhandla bese ngihlala ethembeni lokuthi umdlalo olandelayo uzoba muhle kimi,” kuchaza yena.
Amakhosi azoya kulo mdlalo ingenazo ezinye zezingwazi zayo ngebxa yezizathu ezehlukene.
UKhama Billiat noLeonardo Castro basalimele. U-Itumeleng Khune yena usanikwe ikhefu kulandela isehlo esimbi sokushonelwa ngudadewabo.
ULebogang Manyama yena usamisiwe kulandela ukuqoqa amakhadi aphuzu amane. Kodwa uNurkovic uthi lokhu akusho lutho.
Uthi abadlali abakhona kumele bazikhandle ngoba bengakwazi ukumela iqembu.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.