Ukhala ngobu-amesha besitobha sakhe esimlahlise amaphuzu uGavin Hunt

U-Anthony Akumu weKaizer Chiefs

MTHOKOZISI MNCUSENI

Usale eshaqekile umqeqeshi weKaizer Chiefs uGavin Hunt ukuthi umdlali weqophelo leDStv Premiership angenza akuchaze njengobuwula obunike iSuperSport United intuba yokubuya emdlalweni obungoMgqqibelo e-FNB Stadium.

Kuyafana nokuthi iChiefs ilahle amaphuzu lapha ngokubona kukaHunt kodwa u-Anthony Akumu uyena obuyise iSuperSport emdlalweni ngokwalo mqeqeshi.

IChiefs ifike kulo mdlalo ukuzethemba kwayo kuphansi kwazise ibisishaywe imidlalo emithathu kulandelana okukhona kuyona nempoxo yokuwashiswa ijezi yiRichards Bay kwiNedbank Cup.

Nakuba imiphumela ibingavumi kodwa uHunt uthi akanankinga ngendlela abadlali bakhe abazikhandla ngayo ngaphandle kwebhadi nje lokunqoba imidlalo njengoba kuphinde kwenzeka bebhekene neSuperSport.

“Besingawunqoba kalula lo mdlalo ukube asizange senze ubuwula obumangalisayo sibamba umuntu ebhokisini okuyiyona indlela okubuye ngayo izitha.

“Yini ngempela eyenza umuntu abambe omunye ngejezi ebhokisini ngoba akekho ongazi ukuthi lokho kuzodala iphenathi? Bekumele siwunqobe kalula lo mdlalo kodwa-ke akwenzekanga.

“Ngaphandle kwaleli phutha elingishiye ngishaqekile umdlalo besingawunqoba kalula. Sidlale kahle kodwa masonto onke kuhlale kuyinto efanayo sidlala kahle, lutho amaphuzu.

“Ukudlala kahle kuhle kodwa akunikani lutho ngakho mhalwumbe kumele sikhumbule ukuthi yini esiyingenela enkundleni. Sidlale kahle sibhekene neqembu elisembangweni wesicoco kodwa lokho akusizi ngalutho,” kusho uHunt.

Nakulo mdlalo uHunt uphoqeleke ukuthi asebenzise uDaniel Cardoso esiswini kwazise kulimale uWillard Katsande.

“Sekuqala ukujwayeleka ukuthi ngishintshe isikimu ngoba kukhona olimele. Ubengeve edlala kahle uKatsande ngaphambi kokuthi alimale.

“Ngihlabeke umxhwele ngoParker ngokwami obengcono kunabo bonke enkundleni ekubeni engadlali endaweni ayijwayele.

“Angishinsthi ngoba kukhona engifuna ukukuzama njengoba benza abanye abaqeshi kepha ngishinstha ngoba kukhona olimele. Isabelo sami lesi kwiChiefs futhi ngiyasamukela,” kubalisa uHunt.

UHunt uthi abadlali bakhe bazinikele ngayo yonke indlela futhi akakungabazi lokhu kodwa umbuzo omkhulu ukuthi bazinikele nje, banawo yini amava okuzikhipha kulolu bishi abakulona.

Umdlalo olandelayo weChiefs oweCAF Champions League ezobhekana kuwo neHoroya yaseGuinea esivele ikuleli ngoLwesibili khona eFNB Stadium.

Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter: @MthokozMncuseni

Leave a Reply

Your email address will not be published.