Ukhala ngokugidagida ndawonye kweSundowns kwiChampions League uMngqithi

U-Andile Jali, Rivaldo Coetzee noRulani Mokwena
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IMamelodi Sundowns ineziko elilodwa ehluleka wukuliwela kwiCAF Champios League, bese ijika iphindela emuva. Lokhu kuvezwe ngumqeqeshi waleli qembu laseChloorkop, uManqoba Mngithi kule mpelasonto. Ubekhuluma ngemuva kokukhishwa kwabo yi-Al Ahly kuma-quarter finals kulo mqhudelwano.

“Kuzokhumbuleka ukuthi sesidlale kwaze kwakathathu kulandelana ne-Al Ahly kulesi sigaba. Isikhombise ukuba yiqembu esihlulekayo ukudlula kulo. Sakwazi siqala ukubhekana nayo, sabe sesithola iWydad (Athletic) ngemuva kwalokho.

“Kunzima, kodwa siyafunda kukho. Njengamanje singelinye lamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu ebholeni lase-Afrika, siyangqongqoza kwamane aphezulu. Ngebhadi, yikulesi sigaba la uhlangana khona namaqe,mbu angase agcine edle isicoco,” kusho uMngqithi.

“Ngenxa yokuqina kwamaqembu kulesi sigaba, ngesikhathi iWydad isikhipha, yahamba yaze yayosidla isicoco. Nangesikhathi i-Al Ahly isikhipha, yahamba yaze yayosidla nayo isicoco. Lokho kukutshela ukuthi sekuseduze singene emaqenjini amane aphezulu e-Afrika.

Uthe njengoba sebezinzile ekubeni ngelinye lamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu ezwenikazi, okulandelayo wukungena bazinze kwamane. Ukusuka lapjho ke sebengagcina bezidla bephindelela nabo izicoco. Uthe sekuyantwela ezansi.

“Ngicabanga ukuthi sikhula kahle ngoba asikaze sidliwe ngendlela eyihlazo yilamaqembu amakhulu. Yize singakwazi ukudlula, kodwa ngokwamacebo okudlala nezinga labadlali siyalingana nabo.

“Sidliwa ngamaphutha ethu. Njengakulamagoli amabili asingenele eCairo (emlenzeni wokuqala ne-Al Ahly) sasiwuphethe umdlalo. Nalapha ekhaya besibahubhisa izithunzi. Kodwa kufika isikhathi la ucabanga ukuthi lokhu akusho lutho uma ungezowina,” kuchaza uMngqithi.

Uthe bazoqhubeka basebenze kanzima ukuze bagcine beyitholile indlela yokudlula kuleli zibuko ezibaxakayo. ISundowns izophindela kulo mqhudelwano ngesizini ezayo njengoba kulindeleke izidlele kalula isicoco seDStv Premiership. Idinga ukuwina owodwa nje vo – noma ke idlale ngokulingana kwemithathu – kule midlalo emine eyisalele kwiligi ukuze iphinde isidle isicoco.
Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *