Ukhala ngokushinsthwa kwezinto kwiChiefs uKatsande

UWillard Katsande
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Useveze ukuthi ngabe asibanga sibi kanje isimo kwiKaizer Chiefs umdlali osenesikhathi ekuleli qembu, uWillard Katsande. Azikho ke izinguquko ezitheni ezenze kwiChiefs ngaphandle kokuxoshwa kuka-Ernst Middendorp, kuqashwe uGavin Hunt endaweni yakhe. Naye uHunt uxoshiwe ngoLwesihlanu.

UKatsande ukusho lokhu ngesikhathi encoma ukwenza kahle kweGolden Arrows abazobhekana nayo emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu ntambama. Uthe Abafana Be’sthende bagila izimanga nje yingoba baqhubeke nabebekwenza ngesizini edlule.

“Leli qoqo labadlali abanalo sekunesikhathi lindawonye, futhi bayazethemba. Yingakho be la bekhona nje manje. Yingenxa yokuqhubeka la bebegcine khona. Bathake nangabadlali abasebancane abalambele impumelelo,” kusho uKatsande.

Ube eseqhubeka eqhathanisa izimo ze-Arrows nezeChiefs.  “Ukukhuluma iqiniso nje, okokuqala ngikule ndawo esikuyo ngalesi sikhathi sesizini. Akuyona indawo efanele iKaizer Chiefs le. Lesizini ayikho yinhle, bekumele ngabe sense kangcono.

“Kodwa njengoba kade ngisho nge-Arrows, bekumele ngabe nathi sakhela kwesikuzuze ngesizini edlule. Saba nesizini enhle saze saphelela endaweni esifaka kwiCAF Champions League. Kwakumele siqhubeke lapho.

“Kodwa ke ngebhadi izinto azihambanga kahle, futhi sikhona uma kumele kube khona abasolwayo. Bekumele sense kangcono siyiqembu. Esesingakwenza manje ukuthi sikhotholoze okuhle kule sizini ebeyimbi siqhubekele nakho phambili.

“Bekudingeka ukuthi sidonse siye ngandawonye kodwa akwenzekanga lokho ngenxa yamathizethize. Kodwa kwesinye isikhathi uyakudinga ukuhlehlela emuva kancane khona uzothola amandla.

“Engingakusho ukusuka manje kuya phambili wukwazisa bonke Abalandeli baMakhosi ukuthi iqembu labo lizovuka lithintithe. Siyethembisa ukuthi isizini sizoyiqeda ngegiya eliphezulu. Siyethembisa ukuqhubeka nokwenza kahle kwiChampions League ukuze sibabuyisele injabulo.

“Njengamanje sidinga ukubuka izinto ngeso lethemba. Sehlise ekugxekeni, bese siqinisa ekwesekaneni,” kuchaza uSalt and Vinegar.

Ube eseveza nokuthi intokozo beyincane ngesikhathi sikaHunt, yize engalimisanga ngesihloko lelo. Uthe bazozama ukubuyisa intokozo eqenjini.

“Kumele sikuthokozele ukudlala ngoba vele intokozo yinto yakhona kwiGlamour Boys. Uma nikuthokozela ukudlala iyavela nemiphumela ethokozisayo.”
Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *