Ukhala ngokushoda konozinti bakuleli kwiPSL uBroos

Ukhala ngokushoda konozinti bakuleli kwiPSL uBroos
UBruce Bvuma
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Ukungadlaliswa konozinti bakuleli emaqenjini ePremier Soccer League kumqansisela umsebenzi umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.

Lo mqeqeshi odabuka eBelgium uthi uke waphoxeka emavikini amathathu edlule ebuka imidlalo ethola kunonozinti abathathu kuphela bakuleli.

Uqinisile ngoba emaqenjini angu-16 eDStv Premiership ayisithupha kuphela asebenzisa onozinti bakuleli njalo.

Nakhon i-Orlando Pirates ungayikhipha ngoba uSiyabonga Mpontshane udlala ngenxa yokuthi uRichard Ofori waseGhana usalimele.

Amaqembu asebenzisa onozinti bakuleli cishe kuyo yonke imidlalo yawo AmaZulu, SuperSport United neGolden Arrows kuphela.

Yikho lokhu okuphoqa uBroos ukuthi agcine eseqoka uBruce Bvuma yize engadlali eqenjini lakhe iKaizer Chiefs.

EMpeleni nje uBvuma akasavamile ngisho ukuba sebhentshini kwiChiefs njengoba sekuyaye kube wuBrandon Petersen ogada ebhentshini, kudlale uDaniel Akpeyi.

“Ngiqoka uBvuma yize engadlali eqenjini lakhe ngoba abenele onozinti baseNingizimu Afrika kwiPSL,” usho kanje ekhuluma naseSAfm kuleli sonto.

“Emavikini amabili edlule bengibuka imidlalo ngathola ukuthi bathathi kuphela onozinti bakuleli emaqenjini… bathathu nje vo.” 

Uthe uyazi ukuthi akufanele ngabe uyamqoka uBvuma ngoba akuzwakali kahle nakwabanye kodwa isimo esimphoqayo.

FUNDA NALA: Khona okusina kumjeqeza uHunt kwiChippa

“Ngakho, kumele ucingisise uma ufuna onozinti. Kodwa uma kuqhubeka kanje, kuzomele ngimshintshe uBvuma.

“Mhlawumbe ngizomdinga yingakho ngimfakile yize engadlali eqenjini lakhe.

“Kodwa ke phela vele uBvuma sesike saba naye isikhashana eqenjini. Anginazikhalo ngaye. 

“Ungunozinti osemncane futhi omuhle kakhulu kanti uyazinikela nasejimini. Kodwa umqeqeshi wakhe (kwiChiefs) ubona ngenye indlela,” kuchaza uBroos.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.