Ukhala ngonompempe uNcikazi, uthi bayayicindezela iPirates

Ukhala ngonompempe uNcikazi, uthi bayayicindezela iPirates
UMandla Ncikazi noFadlu Davids
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UMandla Ncikazi, ongumqeqeshi ngokubambisana noFadlu Davids kwi-Orlando Pirates akeneme ngonompempe nangendlela abenza ngayo emidlalweni yalali qembu.

UNcikazi uveze isikhalo sakhe ngokucindezeleka kwePirates ngemuva kokudalla ngokubambana neSwallows emdlalweni weDStv Premierhsip ngoLwesibili kusihlwa.

Ukholwa wukuthi ngabe baphume nawo egcwele amaphuzu eDobsonville Stadium ukube onompempe bebethatha izinqumo eziqondile nezingenzeleli.

“Ngibone sengathi bekufanele siwathole wonke amaphuzu ngiyazi besidlala sibuye kube sengathi siyalehlisa izinga,” kusho uNcikazi.

“Sisheshe salishaya igoli kodwa sehlisa ngemuva kwalokho obekungelona icebo lethu. Kodwa yithi esibe namathuba amahle.

“Ngiyazi iSwallows nayo iwakhile ambalwa futhi unozinti wethu uvimbe amabhola amaningi kodwa lowo umsebenzi wakhe.

“Okungiphoxayo wukuthi asibukhali ngendlela efanele uma sesiphambi kwepali, sithatha isinqumo ezingafanele bese siyeka ithuba lokukhahlelela ipali.

“Lokho kwenza ugcine udlale ngokulingana njengoba kwenzeke lana nje manje – akukhona okokuqala kwenzeka kanje,” kuqhuba lo mqeqeshi odabuka eHlokozi.

Ube esevulela umtalabho konompempe ethi kwesinye isikhathi nabo banesandla ekutheni iPirates ihluleke ukuphuma nomphumela ojabulisayo.

FUNDA NALA: Isikhulu sePirates sidedele ulabhabha koweGalaxy

Ukhala ngonompempe nje uNcikazi kulo mdlalo weSwallows kukhona la iPirates bekufanele ithole khona iphenathi kodwa unompempe wayiziba.

NoWandisile Letlabika weSwallows bekumele ngabe akawuqedanga umdlalo njengoba ebemdlalisa kabi ephindelela uKwame Peprah.

“Okunye okubi wukuthi nonompempe abalekeleli ngokugeja ngezinqumo zabo. Izinqumo kule midlalo embalwa edlule bezisicindezela,” kusho uNcikazi.

“Angazi lokho kwenziwa yini, kodwa ngithemba ukuthi kuzojika, asikwazi ukucindezelwa kanje iviki neviki.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.