UKhalala akakhali ngokukhubazeka kwakhe usengumshwini ophambili

UKhalala akakhali ngokukhubazeka kwakhe usengumshwini ophambili
USiphelele Khalala
Alfred Ngubane

USiphelele Khalala uphila nokukhubazeka njengoba engaboni kodwa lokho akumvimbanga ukuthi alandele uthando lwakhe lokudlala ikhilikithi.

Kumanje uKhalala ungumshiwibi kumaProteas abantu abaphila nokukhubazeka kanti ukhulume ngokukhethekile neMpempe echaza ngokungena kwakhe kulo mdlalo.

“Ngiqale ukudlala ikhilikithi ngo-2017 kanti sengike ngadlala eqenjini lesizwe ngesikhathi sibhekene neNew Zeeland,” kusho lo mfanyana.

Uphinde walimela elakuleli ngesikhathi libhekene nePakistan. Uthi uphokophele phambili njengoba efuna ukudlala eNdebeni yoMhlaba neqembu lamaProteas.

“Zikhona impela izinkinga esibhekana nazo njengabantu abakhubazekile. Into yokuqala nje kuba yinselelo ukuthola imoto ezokuhambisa enkundleni ukuze uyozicija.

FUNDA NALA: UDlangalala uthi ayozingcebelekela nje awase-Afrika eNdebeni yoMhlaba

“Nokunganakwa ke ngabantu abaphethe izikhundla komasipala nakho kunomthelela omubi. Nginxusa abazali ukuthi bazigqugquzele izingane zabo ukuthi zingene kwezemidlalo izingane zabo ezikhubazekile.

“Ukudlala kwenza ungabophi inhliziyo ucabangana nesimo ophila naso esikwenza wehluke kwabanye olingana nabo.

“Lokho kugcina sekubanga ukhwantalala ngakho kumele bazikhulule zidlale ukuze nesezinhliziyweni zazo zizokhululeka,” kusho uKhalala.

Njemanje uthi kuyamjabulisa ukuthi usephothulile e-University of KwaZulu noma esalinde izicucu zakhe ngoba usenokhiye wokwenza ngcono ikusasa lakhe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.