Ukhale ngesihluku sebhola uJomo ethola induku kwiJDR

OKADONGA GUMBI

Iphumile embangweni wesicoco seGladAfrica Championship iJomo Cosmos ngemuva kokuthola isibhaxu sika 2-1 kwiJDR Stars ngoLwesibili ntambama.

Ezenkosi sezisalele emuva ngamaphuzu ayisishiyagalolunye kwiRichards Bay eqhwakele kulesi sigaba esiphakela iDStv Premiership.

Nokho isangakwazi ukungena emidlalweni yokuhlunga yize kuyinto engaba yisimanga uma ingagcina yenzekile.

Mhlawumbe uMjomane kumele ajabulele ukuthi akekho odakeni lwezembe kulokhu kwazise ulivike sekuvalwe amehlo kula masizini amabili adlule.

UVusimuzi Mncube ubeke phambili iHammer Boys ngomzuzu ka-14, ngoka-24 iCosmos igeje iphenathi, kwathi emuva kancane kwalokho uChristopher Komane walibasela ngakubo igoli.

Kuyiwe ekhefini iStars ihamba phambili ngo 2-0, kodwa Ezenkosi zazama ukucindezela. Zize zathola umvuzo ngomzuzu ka-90 ngonyawo lukaSeuntjie Ledwaba.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, umphathi nomqeqeshi weCosmos, uJomo Sono uthe ibhola linesihluku ngoba bekumele bawine.

“Ibhola umdlalo onesihluku, sibaphile womabili amagoli. Unozinti uvele wabaphasela kwelokuqala, elesibili kube wumkhonto ogwaza ekhaya,” kusho uSono.

“Sigeje nephenathi, kodwa ngicabanga ukuthi esiwombeni sesibili bese sizigelezela, sibacindezela.

“Kodwa ke yingakho ibhola liwumdlalo ohamba phambili emhlabeni, aliqageleki. Besingalindele ukuthi bengashaya amagoli amabili kithi.

“Elethu silithole sekuhlwe kakhulu, ukube besisheshe salithola besizithola nelokulinganisa okungenani,” kuqhuba uSono.

UNditsheni Nemasisi yena usale ejabule kwazise ezakhe sibuyele embangweni ngalo mphumela. IJDR seyisele ngamaphuzu amahlani kwiNatal Rich Boys.

“Kumnandi ukuwina emuva kwemidlalo emine singakori ngisho igoli. Abafana bami bazikhandlile bebhekene neqembu elingazibeki phansi.

“Bebesihlasela bephindelela, bawenza wasinda umdlalo kodwa ngijabule ngokuwina,” kusho uNemasisi.

Komunye umdlalo ngawo uLwesibili, iCape Town Spurs ishayane baze babukana neRoyal AM umdlalo uphela zibambene ngo 1-1.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.