Ukhale ngokulahlwa yinhlanhla uJomo ezakhe ziqunjwa phansi yiLeopards

UJomo Sono weJomo Cosmos akakhali ngokuhlulwa kwabo kwiNedbank Cup

OKADONGA GUMBI

UJomo Sono uthi iqembu lakhe, iJomo Cosmos aliphoxekanga ngokukhishwa kwalo emzuliswaneni wokuqala kwiNedbank Cup – iwashiswe ijezi yiBlack Leopards eyishaye ngo 2-1 emdlalweni obuse-Olen Park Stadium, ePortchefstroom ngeSonto.

Ezenkosi zidlale kahle kakhulu futhi kumfanele noSono ukuzigqaja ngabadlali bakhe abangazange bakhombise ukuthi badlala ezigabeni ezehlukene neLidoda Duvha.

“Uvumile nomqeqeshi weLeopards ukuthi babe nenhlanhla ukuwina. Linjalo ke ibhola, kuba wukuthi unenhlanhla noma awunayo,” kusho uSono ngemuva komdlalo.

“Bazamile abafana bami futhi nje badlale kahle impela. Ngicabanga ukuthi kube wumdlalo omuhle nabebewubuka kuthelevishini kufanele ukuba benelisekile.

“Asizange sihlale emuva sibalinde ukuthi basihlasele njengobhuti bethu. Bangobhuti kithi (ngoba badlala esigabeni esiphezulu). Yingakho nomqeqeshi wabo ethe bawufezile umsebenzi.

“Akakholwanga indlela esidalwe kahle ngayo, wasincoma wathi siyiqembu elihle kakhulu. Bekuwumdlalo omuhle. Sifike sashaya elokulinganisa, sabe sesizilimaza ngokunganaki babe sebeshaya elesibili,” kulanda uSono.

Uthe bazoqhubeka ngalo mgqigqo abawukhombise kulo mdlalo noma sebebuyela emidlaweni yeligi, ngoba vele iyona ebalulekile kubo njengamanje.

“Lo mdlalo uzosisiza kakhulu ngesikufundile uma sesibuyela kwiGladAfrica (Championship) ngoba kunzima bo laphaya. Bekukhona abadlali bami abathathu abaphambili abebengekho – oyedwa ubemisiwe ngenxa yekhadi elibomvu kanti ababili balimele.

“Ngethemba ukuthi bazobuya maduze (laba abalimele) ngoba ngisabile ukubafaka namuhla ngoba inhloso yethu enkulu ukuwina kwiGladAfrica.

“Abadlali bayakufuna ukuwina, bafuna ukunyukela esigabeni esikhulu. Bafuna ukusiza iqembu. Bayazi ukuthi lana kubekwa iqembu phambili’ hhayi umdlali ngayedwana.”

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.