Ukhale ngonompempe obancishe ‘amaphenathi amathathu’ oweSundowns

UManqoba Mngqithi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Usole unompempe ngokungawenzi ngendlela efanele umsebenzi wakhe uManqoba Mngqithi weMamelodi Sundowns ngemuva kokubambana neSwallows FC. Lo mdlalo weDStv Premiership bewuseDobsonville Stadium ngoMgqibelo.

Yize womabili ezamile, kodwa ahluleke ancama ukushaya amagoli, aze avumelana ngokuthi acazelane amaphuzu. Yiwo womabili asahlulwe Kanye kwiligi kule sizini kanti abekulwela ukuthi angashaywa okwesibili.

“Bekungomunye waleyo midlalo… besibhekene neSwallows kwaba ngumdlalo la zishiyana khona ngomshefezo,” kusho uMngqithi ngemuva komdlalo. ISwallows ikhombise ukuba namaqhinga akhaliphile kulo mdlalo njengoba beyincintisana neSundowns kalula nje.

“Esowombeni sokuqala sibanike isikhathi, sabavulela nezikhala ukuze badlale babe sebekusebenzisa lokho ukusidudulela emuva. Kodwa sibe ngcono ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala. Esiwombeni sesibili besimandla, bagcina bephoqeleka ukuthi badlali amabhola amade asuka kunozinti.

“Iqiniso ngalo mdlalo wukuthi ngathi onompempe abawenzanga kahle umsebenzi wabo namuhla. Kukhona la bekudlaliswana kabi (bazithulelenje)… futhi ngibone amaphenathi amathathu. Ngibone kufanelwe ngae sibekelwe iphenathi ngesikhathi bewisa uShalulile esebhokosini.

“NoVilakazi nawe bamdlalise kabi esebhokisini. Ngiphinde ngabona enye iphenathi sekuzophela umdlalo. Onompempe abasebenzanga neze kahle. Bekungaphuka imilenze ngendlela ebeliqiniswa ngayo unyawo.

“UMatlaba ucishe wamephula uVilazi. NoModiba naye usinde ngokulambisa… onompempe ukumele baqinisekise ukuthi bayabavikela abadlali, baqinisekise ukuthi kudlalwa ngendlela efanele,” kuchaza uMngqithi.

ISundowns isizobuyela ensimini ngoLwesithathu la izobhekana khona Bloemmfontein Celtic. Kuzobe ungumdlalo okufanele ube muhle kwazise iCeltic inethonya leSundowns.
Email: Editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.