Ukhalele amaphuzu ambili abawalahlile uDavids wePirates

Ukhalele amaphuzu ambili abawalahlile uDavids wePirates
U-Olisah Ndah no-Amadou Soukouna
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Uthi bakubuka ngokuthi balahlekelwe amaphuzu amabili kunokuthi bazuze elilodwa umqeqeshi we-Orlando Pirates uFadlu Davids ngemuva kokubambana neMaritzburg United.

IPirates izame yadela ukuthola iwini kwiMaritzburg ngoLwesithathu kodwa kwagcina kungalunganga kwacazelwana amaphuzu.

Lo mdlalo weDStv Premiership obuseHarry Gwala Stadium ngoLwesithathu uphele zibambene ngo 0-0 ingekho evuma ukugoba uphondo.

IBucs yiyona ebiphethe umdlalo futhi idlale imizuzu engu-25 yokugcina seyidlala nabantu abangaphelele njengoba iMaritzburg beyisikhishelwe umdlali ngekhadi elibomvu.

“Ngicabanga ukuthi kumele sikubheke ngokuthi silahle amaphuzu amabili kunokuthi siqoqe iphuzu elilodwa,” kusho uDavids ngemuva komdlalo.

“Umphumela usiphoxile ngoba asikwazanga ukubagqekeza emuva. Ungabancoma nabo ngokuvala kahle emuva.

“Kodwa kulele kithi ukuthi sikwazi ukubavula noma ngabe baqine kanjani. Esiwombeni sokuqala siwakhile amathuba.

“Futhi ukuthi elilodwa silisebenzisile sashaya igoli izinto bezizijika kakhulu. Sizame yonke indlela, sibaqonda ngqo, siye emaceleni kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.”

Uthe ngemuva kwekhadi bazamile ukufaka abadlali abaningi abahlaselayo bezama ukuhlwitha iwini kodwa izinto zenqaba.

“Angicabangi ukuthi bayijikile indlela abebedlala ngayo ngemuva kwekhadi elivomvu. Bebesenabadlali abama ngemuva kwebhola.

“Ikhadi aliwushintshanga kangako umdlalo. Sizamile ukunyusa abadlali abaningana baye phambili kodwa sahluleka wukubagqobhoza.”

IPirates idlale lo mdlalo ngeqembu elihluke kakhulu kwazise iningi labadlali abavamise ukuqala imidlalo bebengekho.

“Ngeke sikhale ngabadlali abangekho, kumnele sithembe ngokugcwele laba abakhona sibanike ithuba lokuzibonakalisa.

“Kuyezeka abadlali bengabi khona ngenxa ngenx yokulimala nezinye izizathu ngakho laba abakhona kumele baqhubeke nomsebenzi,” kuchaza uDavids.

FUNDA NALA: UMngqithi uthi ngeke amsole unompempe obebabamba ngophondo

Uthi bazoqhubeka balwe bezama ukubuyisela leli qembu ekubeni ngelinye lasatshwayo kuleli.

“Sibheka indlela indawo esikuyo, indlela esidlala ngayo bese sizihlola ukuthi ngabe sisayibambe ngakho yini.

“Ngabe sibheke la sifuna khona yini? Asiwatholanga amaphuzu ebesiwafuna namuhla kodwa kumele siqhubekele phambili.

“Kumele sizethembe bese senze nabadlali abakhona bazethembe. Umdlalo nomdlalo kulele kithi ukuthi siyawuwina noma cha.”

IPirates isendaweni yesithupha ngamaphuzu ayishumi ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.