Ukhalise okwe-ambulensi uBroos weBafana edliswa umuthi wakhe

Ukhalise okwe-ambulensi uBroos weBafana edliswa umuthi wakhe
UHugo Broos
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weBafana Bafana osezakhele igama ngokungabi nasifuba nokuveza namahlazo esidlangalaleni ukhale wazibhuquza sekuvezwa ezakhe.

UHugo Broos ushiye abantu abaningi bemncoma emavikini amabili edlule ngesikhathi edlalula konke abhekana nakho uma ebiza ikhempu yeBafana.

Waveza ukungeneliseki kwakhe ngeMamelodi Sundowns eyathumela uThabiso Kutumela ukuba ayojova umgomo weCovid-19 ngosuku okwakumele afike ngalo ekhempini yeBafana.

Wagxeka nomdlali we-Orlando Pirates uGoodman Mosele owavele waduka akangalubhada kule khempu yize ayebiziwe.

Yize lokhu akumemezela esidlangalaleni kwabezindaba ekubeni engakakukhulumi namaqembu, yena uthi uma kukhona amaqembu angakuboni kahle ngaye eze kuye kuxoxwe.

Lokhu ukusho kulandela ukugxekwa kwakhe uRulani Mokwena weMamelodi Sundowns othe akabatsheli lutho ngabekwenza nabadlali.

UMokwena uthe kuba nzima ukwazi ukuthi benze njani ngabadlali ababuya kwiBafana ngoba awukho umbiko onikwa amaqembu ngezindlela zokujima abebezisebenzisa.

Useziphendulele ke uBroos ekhala ngokuthi uMokwena bekumele akhulume naye eceleni hhayi ahlambalaze esidlangalaleni.

“Ngeke ngiphendule ngokushiwo uMokwena, kodwa kungithusile akushilo, awukhulumi kanjeya kwabezindaba ikakhulukazi uma kuthinta uzakwenu.

“Ngizomphendula ngendlela efanele kulezi zinsuku ezizayo,” kuchaza lo mqeqeshi odabuka eBelgium ekhuluma nabeLove PSL.

FUNDA NALA: UDolly uthembisa isibhaxu kwasazobhekana neChiefs

“Uma uMokwena kukhona okungamphethe kahle, kumele athathe ucingo akhulume nami abuze lapho adinga khona ukucaciseleka.

“Akwenziwa kanjena uma nisebenza endimeni eyodwa. Uma kukhona angeneme ngakho, ngicela angifonele ngizomchazela.”

UMokwena wayexhilwe kakhulu wukuthi abachazelekanga ngokulimala kukaMothobi Mvala ngesikhathi ekwiBafana ngemviki elidlule.

“Kuyangithusa ukuthi athi abatshelwanga ngokulimala kukaMvala. Sathumela lonke ifayela ngokulimala kwakhe kodokotela beSundowns, ngicabanga ukuthi wazi konke,” kusho uBroos.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.