Ukhamba lufuze imbiza? Hhayi emadodaneni abasubathi bakuleli

Ukhamba lufuze imbiza? Hhayi emadodaneni abasubathi bakuleli
UZakariya Ngwenya
Alfred Ngubane

Kuthiwa ukhamba lufunze imbiza ngokusho kwesisho sesiZulu uma ingane ifuze unina noma uyise.

Nokho kubuye kuthiwe umfundisi akamzali umfundisi, yingakho ke sikubhekela ukuthi amadodana abantu ababili abakhulu kwezokusubatha kuleli wona enzani.

Ngabe alandela ezinyathelweni zoyise noma avele azicabela eyawo indlela eceleni. Sixoxe noMartin ngwenya weMr Price Running Club noBongumusa Mthembu wodumo lokunqoba iComrades Marathon amahlandla amathathu.

Indodana Ngwenya, uZakariya Ngwenya yona ikhethe ukuphambuka endleleni kayise njengoba yona idlala ibhola lezinyawo.

UZakariya phambilini ebedlala kwiRoyal AM kanti njengamanje usanda kuthola amadlelo aluhlaza kwi-University of Pretoria edlala kwiGladAfrica Championship.

Nokho uyise akakuxwayanga lokhu okwenziwe nguZakariya njengoba emeseka. UNgwenya uthi kumhlabe umxhwele ngaphakathi ukuthi indodana yakhe ibambelele ezimfundisweni zasekhaya zokuhlonipha.

“Ukhuliswe ngenhlonipho nokuthi ezemidlalo zibalulekile. Nakuba mina ngikhule ngingumsubathi kodwa angiyikhethelanga indodana ngempilo yayo.

FUNDA NALA: UMcCarthy uchazekile ngoXulu ofike ezozicija asefuna ukumsayina

“Izikhethele ukuthi yona ukuthi idlale ibhola thina njengoba singabazali siyameseka kakhulu,” kusho Ngwenya.

Khonamanjalo, umpetha weComrades Marathon neTwo Oceans Marathon uMthembu uthi indodana yakhe yona idlala ibhola lombhoxo esikoleni.

“Uma ngibheka kulokhu engisakubonile kuye, uya kude nalo mdlalo azikhethele wona. Thina sihlale simgqugquzela ukuthi aqhubekele phambili nomdlalo awuthandayo,”  kuchaza uMthembu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.