UKhenyeza angase anikwe owokubuyisa iLeopards ehlathini

UKhenyeza angase anikwe owokubuyisa iLeopards ehlathini
UMabhuti Khenyeza
ESIZIZWA NGANDLEBENYE
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UMabhuti Khenyeza ngomunye wabaqeqeshi abangase banikwe umsebenzi wokuzama ukubuyisa iBlack leopards ehlathini ngesizini ezayo. ILeopards idliwe yizembe kwiDStv Premiership ngesizini edlule.

Manje isezinhlelweni zokusheshe ibuye njengoba neningi labadlali bayo lizogcinwa ukuze kungaqalwa phansi lakhiwe kabusha okungathatha isikhathi. Ngokuthola kweMpempe, usihlalo weLeopards, uDavid Thidiela uchazekile ngakuzwe kuKhenyeza ngesikhathi exoxa naye.

“Ungathuki uma uzwa kuthiwa nguyena ozoqeqesha iLeopards ngesizini ezayo. Uke waba nezingxoxo nosihlalo kanti bazwene kakhulu. Uzithandile izinto ezishiwo wuMabhuti,” kusho umthombo osondelene naleli qembu laseLimpopo.

UKhenyeza uyiphini kwiGolden Arrows kanti ubesebenza noMandla Ncikazi ngesizini edlule. Bekubhekwe ukuthi kunikwe yena ithuba ngemuva kokuhamba kukaNcikazi osejoyine i-Orlando Pirates.

Nokho akuhambanga ngendlela abefisa ngayo njengoba lo msebenzi unikezwe uLehlohonolo Seema. Uzoqhubeka abe yiphini ngokwezinhlelo ze-Arrows. Kungenzeka nokho uSeema kudingeke azitholele elinye iphini uma iLeopards imlanda uKhenyeza.

“ILeopards ifuna ukusheshe ibuye, ayizimisele ukuhlala kwiGladAfrica (Championship) ngakho kwenziwa konke abacabanga ukuthi kuzosiza. Into abamthandele yona uKhenyeza wukuthi ukholelwa ekufakeni abafana umdlandla kunokubahlohla kakhulu nagamcebo.

“Amacebo nawe uyazi ukuthi abuye angasebenzi kulesi sigaba ngoba kuliwa namaphuzu amathathu. Kudlalwa ngathi wumdlalo womkhumulajezi isizini yonke laphaya,” kusho umthombo.

FUNDA NALA: ISharks iphenduke abafana besikole ifundiswa umbhoxo yiLions

Kungenzeka nokho isifiso seLeopards singafezeki uma i-Arrows yenqaba ukukhulula uKhenyeza ukuba aye eVenda. Imizamo yokuthola abe-Arrows noma yena uqobo uKhenyeza ayiphumelelanga ngoLwesithathu kusihlwa.

Umthombo wethu uthe kungenzeka uKhenyeza abe esekwiLeopards ekupheleni kwaleli sonto. Sizocijisa izindlebe zikubikele uma kukhona okusha okuvelayo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *