Sbongs Gumbi
Umqeqeshi weSwallows FC uDylan Kerr wenze okungajwayelekile ngesikhathi eyobhiyoza nabalandeli baleli qembu espotini ngemuva kokuvika izembe.
UKerr, ongowokudabuka e-England, uyaziwa ngokuzithandela ukwazi kangcono indawo asebenza kuyo ngokuthi ahambele izindawo okuhlala kuzo abalandeli.
Nangesikhathi ekwiBaroka FC, wake waya endaweni yasemakhaya eGa Mphahlele wafike wazihlalela nabantu basendaweni.
Waze washutha izithombe esishayela ubhiya nesalukazi sasendaweni. Wayehambela nemidlalo yasobhuqwini khona eLimpopo futhi ebukeka engaxwayile neze.
Yingakho kuthe ngemuva kokusiza iSwallows ivike izembe wahamba wayozihlalela nabalandeli espotini saseMoletsane, eSoweto ngosuku olulandelayo.
FUNDA NALA: UMnisi uchitha ‘uhluphi’ omdala omataniswa neRoyal AM
ISwallows ivike izembe ngokushaya i-University of Pretoria ngoLwesithathu emidlalweni yokuhlunga.
“Ngisendaweni ebizwa ngePeters Place eMoletsane, eSoweto nabalandeli beSwallows siyazincokolela kanti nohleko olulapha ngeke waluthenga ngemali,” kubhala uKerr kwiTwitter.
Ngakusasa ube esevukela endaweni la kwenziwa khona ama-tattoo eyofaka eyomdebo webheji leSwallows njengoba ehlale enza ngeqembu abe nempumelelo ethile kulo.