Ukhishelwe ukuboza uMabasa wePirates kwiBafana, hhayi ukulimala

Ukhishelwe ukuboza uMabasa wePirates kwiBafana, hhayi ukulimala
UTshegofatso Mabasa
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kwethuse abaningi ukubona uTshegofatso Mabasa ekhishwa kungakapheli ngisho isiwombe sokuqala emdlalweni weBafana Bafana ngempelasonto.

UMabasa ubeqale umdlalo bebhekene ne-Ethiopia ekuhambeni kanti iBafana igcine iwine ngo 3-1.

Abaningi bazitshele ukuthi yingoba esethole ukuthinteka walimala uMabasa ngesikhathi ekhishwa kufakwa uVictor Letsoalo endaweni yakhe.

Kodwa umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, usekuvezile ukuthi cha into eyenze bamdonse lo mgadli wukuthi ubengayenzi into ayalelwe yona.

“Ngiyazi kuzomphoxa uTshegofatso kodwa ubedonsa kanzima futhi thina sibone kungcono sisheshe simkhiphe,” usho kanje uBroos ngemuva komdlalo.

“Ngimchazelile ukuthi kungani simkhipha. Into ebesiyibheke kuye yile ebesiyenza ejimini iviki lonke kodwa angikholwa ukuthi ubeyiqonda kahle.

“Ubengakwenzi lokhu ebesimcele ukuba ayokwenza ngakho kwaphoqeleka ke ukuthi simshintshe,” kuchaza lo mqeqeshi odabuka eBelgium.

Nangaphambi kokuba umdlalo uqale uBroos ushintshe uVincent Pule obesohlwini lwabazoqala wafaka uThabiso Kutumela endaweni yakhe.

FUNDA NALA: UNcobo unethemba lokuthi bazolungiseka onompempe abamisiwe

Nokho lolu shintsho lona luphoqwe wukuthi uPule uthinteke ngesikhathi bezivocavoca belungiselela ukuqala komdlalo.

“Kuyishwa ukuthi umdlali alimale sekulungiselelwa ukuqala komdlalo bese kudingeka umshintshe.

“Kunomthelela omubi naseqenjini ngoba wonke umuntu usuke esebeke umqondo emdlalweni.

“Kuthe uma elimala ngakhathazeka ngaba nokwesaba. Kodwa ngicabanga ukuthi uKutumela usivale kahle isikhala,” kuchaza uBroos.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.