Ukhomba ubumnandi owomkhaya: kubhekene ‘iqhalaqhala’ elinguMcCarthy no’Thobekile’ onguNcikazi

UMandla Ncikazi noBenni McCarthy Isithombe: Golden Arrows

MTHOKOZISI MNCUSENI

Uzobahlukanisa phakathi abathandi bakanobhutshuzwayo baKwaZulu Natal umdlalo weNedbank Cup weLamontville Golden Arrows naMaZulu ngoMgqibelo ngo-5 ntambama, eSugar Ray Xulu Stadium.

Ngaphandle kokuthi lo mdlalo owomkhaya, i-Arrows noSuthu amaqembu abalwa nasefomini cishe ukuwedlula wonke kuezi zinsuku kwiDStv Premiership.

Sekufana nesiko ukuthi abathandi bakanobhutshuzwayo baseKZN bahlale bekulindele ukuthi kukhona iqembu labo okuyilona elizobe livika izembe.

Kuhlukile nokho kulokhu, kusukela kwi-Arrows kuthathe uMandla Ncikazi (kuSteve Komphela) iqembu lisashaywe yiCape Town City kuphela kule sizini emidlalwnei yeligi.

IMamelodi Sundowns neSwallows FC abasendaweni yokuqala neyesibili abangcono kune-Arrows ngerekhodi lokungashaywa kule sizini.

Abafana Bes’thende beza kulo mdlalo behambela phezulu kwazise bagingqe i-Orlando Pirates kalula ngo 2-0 ngoLwesibili enkundleni okudlalelwa kuyona lo weNedbank.

Usuthu nalo luzibona kulufanele ukudlulela emzuliswaneni wesibili kwiNedbank kwazise izinto zihamba kahle kusukela kufike uBenni McCarthy obambisene noSiyabonga Nomvete ekuphekeni leli qembu.

AmaZulu – angasayazi induku emidlalweni emine yeligi – abuye sekuvalwe amehlo usuku lwawo lucishe loniwa yiBloemfontein Celtic ebilokhu ilinganise njalo. Anqobe ngo 4-3 emdlaweni ocishe wawaphunyuka ekubeni kade ewuphethe kalula.

“Sibhekene neqembu elinzima kabi la! Leli qembu libukise ngathi ngifika la emdlalweni wami wokuqala engangiwubuka ngihleli lapho kuhlala khona izihlwele.

“Basefomini emangalisayo futhi indlela abashaye ngayo iPirates izobenza beze kithi ngomfutho omkhulu ohambisana nokuzethemba,” usho kanje uMcCarthy.

UNcikazi – ohlezi ezihlisile – uzame ukufihla induku emqubeni ethi bona basaziphembela iqembu akukho okutheni abangakwenza.

“Konke okwenzekayo kithi kuhle kodwa akufanele sikukhohlwe ukuthi sisaphemba. Ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi ngiziqhenya kangakanani ngabafana bami ngokuyithatha injengoba injalo imiyalelo.

“Lokhu yiphupho lawo wonke umqeqeshi. Siyazazi ukuthi singobani, sifunani futhi sibahlonipha bonke ngendlela efanayo ababekwa phambi kwethu ngokwahlukana kwabo,” kusho uNcikazi.

Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter: @MthokozMncuseni

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.