Ukhomba ukukhathala kwabadlali uBroos ngokubhacaza kweBafana Bafana

Ukhomba ukukhathala uBroos ngokubhacaza kweBafana Bafana
UHugo Broos weBafana Bafana

 

IBafana Bafana idlale into engahlangani kahle ngesikhathi ibambana ngo 1-1 ne-Angola emdlalweni wokuzwana amandla ngeSonto ntambama. 

Leli qembu likaHugo Broos libuye kade selilandela ngemuva kulo mdlalo obuseMbombela Stadium eNelspruit. Igoli lokulinganisa lishaywe uZakhele Lepasa kade kuyiphenathi. 

“Angiphoxekile,” usho kanje lo mqeqeshi weBafana Bafana ngemuva komdlalo. 

“Ngiyakuthanda ukuwina imidlalo, kodwa kwenzeke ebesikulindele. Ukudlala ngezinga elifanayo nelangoLwesine bekungelula.”

IBafana yashaya iMozambique ngo 2-1 komunye umdlalo wokuzilolonga ngoLwesine olwedlule. 

“Asidlalanga ngendlela efanayo futhi ngibone nomdlandla uphansi kulokhu njengoba abadlali bebekhathele. 

“Mhlawumbe ile midlalo abayidlale ezinsukwini ezingu-14 esedlule,” kusho uBroos ekhuluma ngeMTN8 neCarling Black Label Cup. 

“Ngemuva komdlalo wangoLwesine kunabadlali abakhala ngokuthi bakhathele. Siyakuqonda lokho. 

“Bengicabanga ukuthi ukudlalisa abanye kuzokwenza isimo sibe ngcono, kodwa akwenzekanga lokho.” 

Uthe bebeyinika isikhathi esiningi ebholeni i-Angola ebanike umdlalo omuhle akholwa wukuthi kuzobasiza uma sebedlala eyokuhlungela i-Africa Cup of Nations ngoMashi. 

“Ngenelisekile ngale khempu. Sidlale imidlalo emibili emihle namaqembu acishe afane neLiberia le esizobhekana nayo ngoMashi. 

FUNDA NALA: UNgubane usola ukuzijuxuza kakhulu kuKhama Billiat 

“Sithole isivivinyo esihle futhi nginesiqiniseko sokuthi sizongena kwi-Afcon uma ngibheka indlela esidlale ngayo kule midlalo emibili yamanje nale kaSepthemba.”

IBafana yadlala neSierra Leone yayishaya, yaphinde yashaya neBotswana ngoSepthemba emidlalweni eyabuyisa ithemba ngaleli qembu. 

“Sidlala ibhola elihle lesimanje. Mhlawumbe namuhla singavika ngokuthi bekunokukhathala okukhona eqenjini.”

Akukho ke ayovika ngakho lo mqeqeshi uma iBafana ingaphinde ibhacaze kwiLiberia okumele iyishaye kuyo yomibili imidlalo – ekhaya nasekuhambeni – ukuze ibe nethuba lokungena kwi-Afcon.  

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *