Ukhombe abadlali ngenjumbane uMalesela behluleka ukuwina ekhaya

Ubuke abadlali bakhe ngengxemu uMalesela behluleka ukuwina ekhaya
U-Abbubaker Mobara weCT City noThato Khiba weMarumo Gallants
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umunwe uwukhombe kwabanye babadlali bakhe yize engabadalulanga ngamagama uDan Malesela ngemuva kokubambana kweMarumo Gallants neCape Town City ngoLwesibili kusihlwa.

La maqembu agadulisane aze abukana lo mdlalo weDStv Premiership obusePeter Mokaba Stadium waphela ngo 0-0.

UMalesela uthi kunabadlali abangazange bakwenze abebekuthunyiwe noma obekubhekwe kubo kulo mdlalo okwenze izinto zaba nzima kubo.

“Bekuwumdlalo onzima kakhulu futhi ubungawinwa yinoma yiliphi iqembu. Zibe ziningi izikhawu la bekudingeka sizame ukubanqanda.

“Kodwa ngicabanga ukuthi ukudlala ngokulingana kube u 0-0 umphumela ofanelekile kuwo womabili lamaqembu.

“Badlale kahle, nath sidlale kahle ngezikhawu ezithile,” kusho uMalesela ngemuva komdlalo.

“Kukhona abadlali abangazange badlale kahle namuhla kanti lokho kusilimazile impela. Besenza namaphutha/

“Yilokho ebengifuna ukukushintsha ngesikhathi ngenza izinguquko futhi ngemuva kwalokho izinto zibe ngconywana.

FUNDA NALA: UNcikazi usola onompempe ngokubamba iPirates ngophondo

“Kodwa sihlale sibathembile abadlali uma sibaqalisa umdlalo ukuthi bazosisebenzela hhayi ukuthi bamoshe ngake ndlela okwenzeke ngayo namuhla.”

Yize kunjalo, uMalesela uyazi usazobadinga laba badlali emidlalweni elandelayo yingakho ebuye wapholisa ngemuva kwalokhu kuluma.

“Nokho laba ngabadlali bethu, sisabathanda kumele nje sizame ukubavuselela bese sibheka ukuthi benze kangcono emdlalweni olandelayo.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *