Ukhombe unompempe ngenjumbane ekhala ngegoli nephenathi oweCity

UJan Olde Reikerink

MTHOKOZISI MNCUSENI
Inhloko yabaqeqeshi kwiCape Town City, uJan Olde Riekerink iwukhombe kunondweba umunwe imsola ngokuthi igoli leLamontville Golden Arrows lishaywe ngumdlali obesesendaweni engamfabele, waphinde wabancisha iphenathi emdlalweni weDStv Premiership ophele ngo 1-1 ngoMgqibelo eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.
Yize iCity ishaye igoli umdlalo uqala ngakho kodwa kodwa i-Arrows iphinde yalinganisa ngomzuzu ka-13 igoli lishaywa nguVelemseni Ndwandwe. Ugcine uphele kungu 1-1 umdlalo.
URiekerink uthi ngemuva kwawo (umdlalo) ulibuke kahle igoli likaNdwandwe kwacaca kuyena ukuthi ubesevele esemhlabeni ongamfanele.
Ngaphezulu kwalokhu, iCity incishwe iphenathi esobala ngesiwombe sesibili ngokwalo mqeqeshi.
“Size kulo mdlalo sazi kahle ukuthi ngeke kube lula okufakazelwa ukuthi i-Arrows ihleli endaweni yesibili kwilogi. Imiphumela yethu yakamuva iyaphika futhi sifike kulo mdlalo kunjalo ngakho kufanele ngikwamukele engikuthole kuwona.
“Uma kodwa uwubuke kahle umdlalo futhi ungumuntu oneqiniso kufanele ukubone ukuthi yithina obekufanele sinqobe lo mdlalo.
“Sidlale ngendlela ehlukile kunale esiyijwayele kodwa isebenze kahle ikakhulukazi esiwombeni sokuqala okufakazelwe yigoli esesilitholile.
“Balitholile elabo kodwa uma sengilibuka kahle bekungafanele libalwe. Kulungile kodwa,” kubalisa yena.
Nakwesesibili isiwombe uRiekerink ubone kuyiCity ebifanelwe ukugoduka namaphuzu agcwele ngoba bancishwe iphenathi.
“Ngineme ngesiwombe sesibili. Besingcono kodwa angeneme ngamathuba esiwakhile sangawasebenzisa ngendlela.
“I-Arrows ize yaqala ukuba yingozi kithi esiwombeni sesiibli kodwa nakhona akukho la ebengithuka khona ngize ngicishe ngiwe nesihlalo. Ngijabule ngendlela esidlale ngayo ngokuzethemba yize iqembu lingekho esimweni esifanele.
“Ngeke ngiyiphathe eyephenathi obekufanele sinikwe yona kodwa kulungiile,” kusho yena.
URiekerink unethemba lokuthi imidlalo elandelayo izobuyisela iqembu lakhe phezulu kunalapho likhona manje.
“Sinemidlalo emihlanu elandelayo kodwa emine yayo isekhaya. Akukho okunye ngaphandle kokuqinisekisa ukuthi siyakusebenzisa lokhu kwazise nesizini isiyela ngasemaphethelweni,” kusho lo mqeqeqshi.
Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.