UKhomphela uncome ubuqhawe kubadlali beSundowns iwina yize ibhekene nesimo esinzima

Mthokozisi Mncuseni
Akawuvali umlomo ngendlela abadlali bakhe abakhombise ngayo ukuqina kokhakhayi esimweni esinzima uSteve “Mphathi” Komphela osethimbeni labaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns enqobe ngo 2-0 kwiTS Galaxy koweDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku.
Ompetha beligi banqobe ngamagoli oPeter Shalulile noThemba Zwane. IDowns idlale lo mdlalo ngaphansi kwesimo esinzima kwazise ithe isetshisa eyokudlula emhlabenini kuka-Anele Ngcongca ngenyanga edlule, nakhu sekulimala uMotjeka Madisha.
Eqinisweni bekungafanele udlalwe lo mdlalo kodwa kwaqhuthsekwa nawo. Kulapho abadlali beSundowns bekhombise khona uKomphela ukuthi abasebona abafana kepha sebengamadoda.
“Kwesinye isikhathi kufanele uveze ukuthi kungani uyiqembu elidla izicoco. Isimo esidlale ngaphansi kwaso besingekho nzima engqondweni kuphela kepha nasemzimbeni. Kunezikhathi lapho bengibona ukuthi akusekho lutho kubadlali kodwa sebebambe ngomoya wokubumbana nowokukhombisa ukuthi kungani bengompetha,” usho kanje uKomphela.
Ngokomdlalo lo mqeqeshi obehleli yedwa ebhentshini bengekho oManqoba Mngqithi noRulani Mokwena uthe, bekubafanele ukuwina yize ibathwwalise kanzima iGalaxy.
 “Badlale kahle abafana beGalaxy. Kunesikhathi lapho bebesixaka khona ngendlela engajwayekile. Nakhona lokhu bekukhombisa ukuthi babona ukuxega okungajwayelekile kithina. Ngineme ngokuningi kodwa okumqoka kunakho konke ukuthi abadlali bazisholo bona ukuthi bayazi ukuthi badlalelani neGalaxy. Eqhulwini abalandeli, kanjalo nemindeni ebhekene nezimo ezinzima kangangokuthi ezinye azikachazeki namanje,” kusho uKomphela onanele ngokuthi acelele umndeni wakwaMadisha ukuthi unikwe ithuba lokubhekana nalesi simo obhekene naso.
NoDan Malesela opheka iGalaxy ubhonge emswaneni ngesimo iSundowns ebhekene naso.
“Bengingafuni ukukhuluma ngalento ngaphambi komdlalo kodwa ngithi bonke abathintekayo abaduduzeke. Siyinike umdlalo onzima iSundowns. Iyazi nayo. Siyidudule kwaba ncane indawo. Inkinga ibe sekutheni sibaphe amagoli, womabili,” kusonga uMalisela.
Pi
UKhomphela uncome ubuqhawe kubadlali beSundowns iwina yize ibhekene nesimomesinzima