USamir Nurkovic oxoshelwa ukuxhuga kupholile kwiRoyal AM

Ukhonjwa indlela uSamir Nurkovic kwiRoyal AM
USamir Nurkovic

 

IRoyal AM seyinikeze uSamir Nurkovic incwadi emxayisa ngokuthi inkontileka yakhe naleli qembu izonqanyulwa ngemuva kwezinsuku ezingu-30 ethole le ncwadi.

Lokhu kwenzeka nje kusaphele izinyanga ezintathu lo mgadli ozakhele igama kwiKaizer Chiefs efikile kuleli qembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize.

Kuze kube manje uNurkovic ubengakadlali nowodwa umdlalo ngenxa yokulimala afika nakho esuka kwiChiefs.

Ngokombiko wabeSABCSport lo mgadli wasayinwa ngoba kubhekwe ukuvala isikhala esavuleka njengoba lalidelele uVictor Letsoalo osekwiSekhukhune United.

Lo mbiko uthi okwenze iRoyal AM imnike le ncwadi lo mdlali wukuthi usesiqede sonke isikhathi esivumelekile sokuthi abe selivini yokugula.

Kuvela mokuthi kwenzeka lokhu nje leli qembu lisamkweleta umholo kaJulayi noka-Agasti lo mdlali odabuka eSerbia.

Yize iSABCSPort izamile ukuthola ukuziphendulela kuMaMkhize nommeli wakhe ngalezi zinsolo, ayiphumelelanga njengoba kuphele izinsuku ezimbili ingaphendulwa imibuzo yayo.

Lokhu okwenzekayo ngoSamir Nurkovic kwengeza ezinsolweni zokuthi kuningi okungahambi ngendlela kuleli qembu.

Lisanda kuphika ukuthi umqeqeshi uKhabo Zondo useshiyile kulo njengoba engabonakalanga emdlalweni walo neSuperSport ngoLwesibili kusihlwa.

Kusanda kushiya isigubhukane noDa Malesela okuthiwa wakhala ngokufunzwa usihlalo weqembu u-Andile Mpisane kuthiwa akamdlalise yize engekho esimweni esifanele.

FUNDA NALA: Ngabe uNyatama neZinyoni bazovuka ngeChiefs?

Kumanje leli qembu alikacacisi ukuthi kwenzakalani ngoSinky Mnisi oyisikhulu esiphezulu owazithathela yena ikhefu ngoba ekhala ngokhwantalala.

Lokhu kwakulandela imibiko yokuthi umisiwe emsebenzini okwathi uMaMkhize uma ebuzwa ngakho akangaphumela obala acacise.

UMnisi wakuphika ukuthi umisiwe, wathi kumdumazile ukuthi umphathi wakhe angamvikeli uma kunemibiko engelona iqiniso ngaye.

– Inthatheli yeMpempe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *