Ukhonjwe afika ngayo uLampard obecija iChelsea

Mthokozisi Mncuseni

Ibhantshi ligcwale umoya kwisithandwa sabalandeli beChelsea Football Club yase-England, uFrank “Super Frank” Lampard, kulandela imvula yemiphumela engagculisi ekubeni iqembu lisebenzise izizumbulu lithenga abadlali abebefunwe uyena.

Ngenxa yokuxega kwemiphumela iChelasea ibilokhu ihlehla nyova kwi-log njengoba igcine ngokumfaka amasondo iqembu lihleli maphakathi.

Isitatimende esikhishwe yileli qembu laseStamford Bridge, sithe lesi yisinqumo esibe esinzima kodwa obekufanele sithathwe ngoba imiphumela iyamphika uLampard.

“Uyohlale ehlonishwa ngamagalelo akhe esengumdlali nangalesi sikhathi esincane asihlale engumqeqeshi.

“Uyohlale emukelekile eStamford Bridge ngoba leli yikhaya lakhe.”

Besibhalwe kanje lesi sitatimende okuthiwa sikhishwe uRoman Abramovich osondelene kakhulu noLampard.

Kamuva amarekhodi ayamphika uLampard kwazise iqembu lisendaweni yesishiyagalolunye.

Lapho lisele ngamaphuzu angu-11 kwiManchester United eqhwakele.

Emidlalweni yeligi yakamuva eyisishiyagalombili uLampard ushaywe kwemihlanu.

Ngo-2019 uLampard usayine inkontileka yeminyaka emithathu njengoba isinqamuka ngemuva kwezinyanga ezingu-18.

Ngonyaka wakhe wokuqala ufake iChelsea kwiChampions Leage ekubeni iqembu belingavunyelwe ukuthenga abadlali, kanti lihanjelwe nawu-Eden Hazard obelihola yedwa njengesibani.

Ngaphezulu kwalokhu uLampard uphumelele ukufaka iChelsea kowamanqamu weFA Cup lapho eshaywe khona yi-Arsenal ngo 2-1.

Kunukwa uThomas Tuchel waseGermany obeqeqsha iParis Saint Germain. Lo mqeqeshi oxoshwe ngoDisemba eParis ukhulise abadlali abafana noChristian Pulisic, Kai Havertz noTimo Werner esasebenza enkulisa yeBorussia Dortmund.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.