Ukhonjwe eza ngayo uSeema kwi-Arrows

ULehlohonolo Seema
Sihle Ndlovu

Seligcwale umoya kobengumqeqeshi weLamont Golden Arrows, uLehlohonolo Seema, ngemuva kokushaywa yiMamelodi Sundowns ngo 6-0 koweligi ngoLwesibili.

Lokhu kuqinisekiswe yisitatimende esikhishwe yileli qembu laseThekwini ngoLwesibili ntambama.

“ILamontville Golden Arrows noLehlohonolo Seema, sebehlukene ngokuvumelana kahle ngokukhulu ukushesha. UVusumuzi Vilakazi noMabhuti Khenyeza yibona abazobamba okwesikhashana kuze kuphele isizini,” kusho isitatimende kafushane.

Mhlawumbe okuxoshise uSeema yinkulumo yakhe ayenze ngaphambi komdlalo wabo neSundowns Impemp ebike ngayo ngaphambi kokuthi achithwe.

USeema uzisholo ngomlomo wakhe ngaphambi kwalo mdlalo weDStv Premiership, eLoftus Stadium, ukuthi abazange bahlele ukuthi bazoyishaya kanjani iSundowns.

“Ungangibuzi ukuthi siyihlelele kanjani iSundowns (ehleka). Awukwazi ukuhlelela iqembu elifana neSundowns, buka nje manje isikimu abasibophele,” kusho uSeema ungakaqali umdlalo.

“Okumele sizame ukukwenza nje ukuthi singawenzi nakancane amaphutha. Sihlele ukungenzi nelilodwa iphutha namuhla ngoba bangasijezisa.”

Abahlaziyi beSuperSport baze bathi mhlawumbe uSeema ufihle induku emqubeni ngesikhathi esho lokhu. Nokho ngemuva komdlalo nabo bese beshaya amakhala ngalokhu akushilo, njengoba kubonakale sengathi vele bebefike ePitoli bengazilungiselelanga kahle.

Ngemuva komdlalo lo mqeqeshi ukhale ngokuthi lesi sibhaxu sinzima kakhulu, nokuthi amagoli amaningi kakhulu lawa abashaywe ngawo.

“Ukushaywa okunzima kakhulu lokhu eqenjini. Amagoli ayisithupha maningi kakhulu, azosishaya kakhulu uma sekubalwa umehluko wamagoli,” kusho uSeema ngemuva komdlalo.

“Ngicabanga ukuthi sidlale kahle imizuzu yokuqala yomdlalo, imizuzu elinganiselwa kweyishumi besiyibambile. Sidedele igoli ngomzuzu ka-20 futhi besazi ukuthi bazosicindeza.

“Nokho ngaphambi kokuthi bashaye igoli lokuqala nathi besingashaya igoli noma amabili. Uma ungawasebenzisi amathuba udlala neSundowns, uzoba nenkinga enkulu uma kuqhubeka umdlalo.”

USeema uqhubekile wancoma iSundowns ngendlela ebophele ngayo abadlali abaphezulu esikwatini sayo.

“Leli qembu uma ubuka ebhentshini lalo, ubuke abadlali abaqala umdlalo… Ngemuva komdlalo ubuke abadlali abazihlalele njengezibukeli, uvele ubone ukuthi linobisi lodwa,” kugcizelela uSeema.

Lokhu kucisho kuqinise ukuthi abaphathi be-Arrows abayithandanga indlela aphawule ngayo, yikho nje bemfake amasondo.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.