UKhoza uncoma amagalelo kaBongi Hlophe ebholeni laseMzansi

UKhoza uncoma amagalelo kaBongi Hlophe ebholeni laseMzansi
UDABA: Sihle Ndlovu
Isithombe: Twitter

Usihlalo wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza, usebhonge emswaneni ngokudlula emhlabeni kwesinye sezikhulu zebhola ezidumile nezohlinishwayo eNingizimu Afrika, uBonginkosi Hlophe.

UHlophe wayengumphathi weMaritzburg City kanti wake wasebenza kwiSouth African Football Association (Safa) ephethe izikhundla ezihlukene.

Wayesebenza njengemenenja yezinkundla ngesikhathi kuneNdebe yoMhlaba ka-2010 eNingizimu Afrika. UKhoza uwancomile amagalelo akhe.

“Ungomunye walabo baphathi bebhola abebezimisela ukusebenzisa imali yabo ngaphandle kokulindela okuthile ekugcineni.

“Ukudlula kwakhe emhlabeni kubi impela ngoba indaba yakhe nesandla asifakile ebholeni, ikakhulukazi emazingeni aphansi, sekuyobikwa ngakho engasekho yena,” kusho uKhoza.

“Kubadlali abaphuma esandleni sakhe singabala kubona uPapi Zothwane, Jimmy Tau, Mbulelo “Old John” Mabizela, Siphesihle Ngobese, Mlungisi “Pro” Gumbi, Andile Cele nabanye abaningi.

“Siyanxusa ukuthi uMdali aqinise idolo izingane zakhe nomndeni wonke. Umphefumulo wakhe sengathi ungaphumula ngoxolo.”

FUNDA NALA: UTruter uthi iPirates umnqansa oqwalekayo kwiMTN8

Abadlali ababalwe ngenhla bakhuluma baze bakhihlize amagwebu uma bechaza indlela abakhulisa ngayo uHlophe, nalapho begcine befinyelele khona.

Lapha sikhuluma ngabadlali asebeke bamela amaqembu esizwe aseNingizimu Afrika, baphinde badlalela amaqembu amakhulu afana neKaizer Chiefs, Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns naMaZulu FC.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.