UKhoza unqumele uNcikazi ugwayi katiki

UKhoza unqumele uNcikazi ugwayi katiki
UMandla Ncikazi noFadlu Davids
Alfred Ngubane 

Usenqunyelwe ugwayi katiki ngokumele akwenze uMandla Ncikazi ukuze anikwe ngokugcwele umsebenzi wokuqeqesha i-Orlando Pirates.

Impempe ihoshe umoya wokuthi umphathi we-Orlando Pirates u-Irvin Khoza akekho nkamunkamu ngokulanda omunye umqeqeshi kodwa ufisa ukunika uNcikazi ithuba.

Yingakho ke esenqumele lo mqeqeshi odabuka eHlokozi ugwayi katiki nje ngokuthi kumele awine iCaf Confederation Cup noma ahluleke kowamanqamu ukuze athole lo msebenzi.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi uKhoza elanda uNcikazi wayehlose ukubahlanganisa noSteve Komphela kodwa kwaba nezinkinga ezavimba lokhu.

Ngokuthola kweMpempe uKhoza ufisa ukunika umqeqeshi wakuleli ithuba ukuze kubuye ibhola elihehayo elidle nangomjiko leli qembu elaziwa ngalo.

“Isikhalo sabalandeli sisekutheni iqembu linabadlali abalaziyo ibhola futhi abahle ngomjiko kodwa iningi labo ligcina lisheshe libaleke ngenxa yabaqeqeshi abangabavumeli bakhululeke.

“Manje uKhoza ubefuna umqeqeshi wakuleli ozokuqonda lokhu, kodwa aqinisekise nokuthi imiphumela mihle.

FUNDA NALA: Uvuse umunyu umfana kaScara Ngobese kwiChiefs

“UNcikazi uyathembisa futhi usenze kahle uma ubheka indlela iqembu elidlala ngayo kusukela afika. Izinto zisheshe zabheda vele kwiligi, wabazisa abaphathi ukuthi ucela ukuhubha iConfed Cu, ayeke iligi.

“Kwezwakala lokhu ngoba vele iSundowns beyisihambe nayo iligi yize abanye bebesazikhohlisa bethi bengayizama ukuyiketula,” kusho lo mthombo.

“Okumele akwenze uNcikazi ukuqinisekisa ukuthi iPirates iyabuyela emiqhudelwaneni yeCaf ngesizini ezayo ukuze anikwe lo msebenzi.

“Lokho engakwenza ngokuthi ayiwine iConfed Cup khona ezoyoyivikela, noma aqede endaweni yesithathu ukuya phezulu kwiligi yakuleli,” kuchaza umthombo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.